Kuzothuthukiswa uhlelo lokusebenza esikhungweni sezingcingo sezamanzi
WUSIPHELELE BUTHELEZI
NGENHLOSO yokuqinisekisa ukusizakala kangcono kwamakhasimende nokuhambisa kangcono izidingo, kuzothuthukiswa uhlelo lokusebenza lwesikhungo sezingcingo soPhiko lwaManzi neNhlanzeko, okuzofaka uhlelo lwesimanje oluzosiza ukubhekana nezinselelo eziningi.
Ukuthuthukiswa kohlelo lokusebenza, okubandakanya inkundla kaWhatsApp ezisebenzela ngokwayo ukuqopha izinkinga ezibikwayo, kuzosiza amakhasimende akwazi ukubika ukuphazamiseka kwamanzi bese ethola izimpendulo bese aziswa ngokuqhubekayo ngezinkinga zawo.
Loku kuzokwenziwa onyakeni omusha wezimali u-2025/26. Ibamba lephini yemenenja yedolobha ye-Trading Services kuMasipala waseThekwini uMnu u-Ednick Msweli lethule umbiko emhlanganweni weKomidi lesiGungu esiPhezulu ngomhla ka-15 wango-Ephreli.
Lo mbiko ogunyaziwe uzodlulela emhlanganweni womkhandlu ophelele ukuze ugunyazwe nakuwona. Kuchazwa ngokubambezeleka kokuphucula izinhlelo zokusebenza kulesi sikhungo sezokuxhumana, kubalulwe ukushoda kwesabelomali.
Okwamanje kuthathwa izinyathelo zokubhekana nezinkinga eziphathelene nezingcingo nezinga lomsebenzi njengoba kusanda kufakwa uhlelo i-Session Initiation Protocol ukubhekana nenkinga yokungena kwezingcingo eziningi.
Lo mbiko uphinde waveza ukuthi izingcingo ezingenayo zibengaphezu kuka-80 000, kwathi imilayezo ka-WhatsApp yaba wu-38 822 ngoMashi.
UMsweli uthe inhloso wukuthi lesi sikhungo sezokuxhumana siphendule izingcingo kungakapheli imizuzwana ewu-20 noma ewu-30. Lo mbiko uphinde wachaza ngesimo sokuphaa amanzi eThekwini nangokusetshenziswa kwamaloli aphaka amanzi.
Ukuhlinzeka amanzi ezindaweni ezisentshonalanga emaphakathi, entshonalanga eqhelile, naseningizimu kuhleli kumaphesenti awu-90, kanti isifunda esisenyakatho nesimaphakathi ziku-85 wamaphesenti.
Umasipala wengeze amaloli amanzi awu-98 athengwe ngoDisemba ngonyaka owedlule, alethwa eThekini ngezigaba. Loku kwenza isibalo samaloli amanzi kamasipala sibe wu-292.