I-African Bank, eholwa wuMnu uKennedy Bungane, oysikhulu esiphezulu, ihlawuliswe uR700 000 ngenxa yesikhangiso esidukisayo. Isithombe: Sithunyelwe

I-African Bank ihlawulisiwe ngo‘kukhohlisa’ amakhasimende

YINTATHELI YOMBELE 


UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) ihlawulise i-African Bank uR700 000 ngenxa “yesikhangiso esikhohlisayo”. Kule nhlawulo, uR200 000 ulengisiwe iminyaka emibili. 

I-FSCA ithe leli bhange lenze okuphambene nendlela okulindeleke ukuthi amabhange aziphathe ngayo ngokusho kwe-Conduct Standard 3 yango-2020, ehlose ukuqinisekisa ukuthi amabhange abeka eqhulwini ukubaneqiniso nokusho okuyikona uma edayisela amakhasimende. 

“Inhlawulo inqunywe emva kophenyo olwenziwe yiFSCA ngomkhankaso we-African Bank owenziwa ezinkundleni zokuxhumana okuthiwa i-#KeFestive, okutholakale ukuthi ubunezinto ezikhohlisayo. Ukuhambisana nomsebenzi wayo wokuqapha, iFSCA ibone futhi yacubungula umkhankaso owenziwa yi-African Bank ezinkundleni zokuxhumana ngoDisemba wango-2023. 

“Kulo mkhankaso okwakukhona nosaziwayo kuwo wawugqugquzela amakhasimende ukuthi baboleke imali kanti wawunesiqubulo esithi “It’s not a skoloto chomi! Ke investment”, okusho ukuthi “akusona isikweletu mngani! Wukutshala imali.”  

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/03/23/ibhange-lombuso-selinqume-ukuthi-alikezukudayisa-isabelo-salo-esiwu-50-elinaso-e-african-bank-njengoba-lithe-kubona-bonke-abebefuna-ukusithenga-akekho-elibone-kulungile-ukuthi-limdayisele-leli-bhange/

Lo mlawuli uthe lesi sitatimende sasingelona iqiniso futhi sasikhohlisa amakhasimende ngoba sasisho okungeyiko ngomkhiqizo wokuboleka imali njengoba sasenza kubesengathi abantu bazobe betshala imali esikhundleni sokuyiboleka. 

I-FSCA ithe leli bhange liphule izigaba 6(1), 6 (3) (a) no6 (3) (b) ze-Conduct Standard ezithi indlela amabhange akhangisa ngayo kufanele icace futhi ingakhohlisi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page