‘Yihlelele ingakafiki imali’


WUTHOBILE ZWANE 


Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sixoxa nosomahlaya uSimphiwe noSphiwe Vilakazi abadume ngokuthi ‘Amawele aseChesterville’. La mawele adume ngamahlaya awo futhi ahambela imicimbi ehlukene ejabulisa abantu

Nisebancane naniphiwa yini imali?

Cha sasingaphiwa.

Naqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi nayivula kuliphi?

Sabanayo sesisebenza, sineminyaka ewu-18. Sayivula eFirst National Bank.

Ekukhuleni kwenu yini eniyikhumbulayo nenayifunda ngemali?

Wukuthi imali sasingayisebenzisi kithina ngoba kwakuyinto eyayidingeka kakhulu ekhaya. Yithina abokuqala abasebenza. Sikhule siphiwa, akekho umuntu owayesebenza into esile ekhaya. Into yokuqala nje esasiyiqikelela kakhulu wukuthi kufanele kubenezinto ezingcono ekhaya kudliwe. Imali yayingezi kithina kodwa yayisiza umndeni wonke. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/08/12/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sikuphathele-usimphiwe-shembe-usomahlaya-oshiya-abantu-bephethwe-yizisu-ngamahlaya-akhe/

Nawenzani umholo wenu wokuqala?

Sathenga igrosa. Kwakuyisifiso sethu ukuthi nathi sihlonishwe nje, ukuthi kube khona esisiza ngako. 

Yini into enhle eningathi senike nayenza ngemali?

Wukwakha ekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali esenike nalenza?

Wukungabinesabelomali, senze singahlelile, ukujatshuliswa wukuthi kunemali engenile nokugembula ebholeni.

Nake nalutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Asikaze. Ibhanoyi liyasheshisana, asikaze silidlale.

Yisiphi iseluleko esihle enasithola ngemali?

Wukuthi akufanele ubenengcindezi ukuthi awunayo imali. Akufanele kukuphathe kabi ngoba ugcina uboleka ungenayo inhloso esile yokuyisebenzisa ugcine usunesikweletu (ongasidingi). Imali awubinayo ngoba isisephaketheni kodwa imali ubanayo ngokuyihlelela ingakafiki kuwena, ithi ifika ibe ivala izikhala. Imali ifika uyogijima lonke izwe uzama ukubukwa abantu ngento abanganendaba nayo.

Uma ningawina uR1 million kwiLotto ningawusebenzisa kanjani?

Singakha imiqasho bese sithenga imfuyo ngayo yonke, ngeke sidle ngisho ishumi.

Ningabeluleka nithini abanye abasemkhakheni wenu ngokuphatha imali?

Into yokuqala okumele bayazi ukuthi ayikho impesheni kulo mkhakha. Le mali osuke uyiphethe yiyona. Okwesibili wukuthi kunomehluko phakathi kokwazi ukwenza izinto, akufanele ujabule kuze kweqe ukuthi unemali . Ungaphileli ukujabulisa abantu ngemali, zijabulise wena. Kungcono ukubonakala etekisini kunokubonakala kwiBMW ongakwazi nokuyikhokhela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page