I-Absa ihlawuliswe uR10 million ngokuphula umthetho
YINTATHELI YOMBELE
I-PRUDENTIAL Authority (iPA), uphiko oluqapha ukusebenza kwamabhange ngaphansi kweBhange loMbuso, ihlawulise i-Absa uR10 million ngokungalandeli imithetho ye-Financial Intelligence Centre Act 38 yango-2001 (i-FIC Act).
I-PA ithole ukuthi i-Absa Bank Limited (i-Absa) ayilandelanga isigaba 21 (1) no-21A se-FIC Act njengoba ibingawabhekisisi amakhasimende ayo aziwayo emphakathini uma ebeka imali kwamanye amazwe futhi ingazibhekisisi nezinkampani ezimbili zikahulumeni. Ihlulekile nawukubhekisisa amakhasimende ayo amahlanu adumile eNingizimu Afrika namanye amahlanu adumile emhlabeni jikelele.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/01/27/ibhange-lombuso-lititinye-istandard-bank-ngokuphula-umthetho/
I-PA ikhuze i-Absa yathi kufanele ilandele umthetho kungakhathaleki ukuthi isebenzisana nobani ibe isiyihlawulisa noR7m okufanele iwukhokhe.
Ibuye yahlawulisa i-Absa uR3m ngokuhluleka ukulandela imithetho ye-FIC ngo-2019 njengoba kuvela ukuthi yahluleka wukuqapha okwakwenzeka kuma-automated transaction monitoring system ama-ATM ayo emahoreni awu-48 anqunyiwe.
Kuvela ukuthi kunezinto ezisolisayo ezazenzeka kuma-ATM ezaze zaxazulwa sekuphele izinsuku eziwu-15, okuphikisana nesigaba 24(3) se-FIC Act.
I-PA iqinisekise ukuthi i-Absa ibisebenzisana nayo ngesikhathi iphenya futhi isikulungisile obekukhalwa ngako, yenza nesiqiniseko sokuqinisa izinhlaka zayo zokuvikela zaleli bhange.