UMnu uThandukwazi Mkhize, umnikazi we-Indlulamithi Services yaseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali, elwa nezinambuzane. Izithombe: Zithunyelwe

Baqeda usizi lwabantu ngokuxosha izinambuzane

WUTHOBILE ZWANE 

ELOKISHINI eliphithizelayo laseThekwini lapho impilo yansuku zonke igcwele izinselelo, usomabhizinisi osemncane unebhizinisi lokufutha izinambuzane. 

Umnikazi we-Indlulamithi Services uMnu uThandukwazi Mkhize uthi akazange alinde “isikhathi esifanele”. Kunaloko wathatha isinyathelo waqunga nesibindi ngo-2022 wasungula inkampani efutha izinambuzane, ukulwa namagundane ehlose ukubuyisa isithunzi, ukudala imisebenzi nokuza nezixazululo ezinakekela imvelo.

Le nkampani, yaseMlaza kodwa enehhovisi eSouth Beach, umsebenzi wukulwa namaphela, amagundane, izintuthwane, umuhlwa, izimbungulu nezinambuzane emakhaya, emabhizinisi nasezimbonini ezinkulu.

UMkhize uhlome ngesitifiketi se-General Pest Control & Structural fumigation sasePest 

Management Academy ne-Cruise Ship Photography and Comprehensive Photography saseStellenbosch Academy of Design & Photography. 

“Sabona isidingo sezinsiza ezithembekile zokulwa nezinambuzane ezindaweni ezinganakiwe, ikakhulu lapho kunezinambuzane eziyinkinga ezivamile kodwa izixazululo zingekho. Besifuna ukukwenza ibhizinisi loko, ukuxazulula izinkinga zemihla ngemihla libelidala imisebenzi,” kusho yena.

Indulamithi Service iphezu komsebenzi wokufutha izinambuzane

 UMkhize, oneminyaka ewu-30, uthi inkampani iqala babehamba ngezinyawo ilokishi lonke, bengqongqoza behamba betshela abantu ngomsebenzi wabo ukuthola amakhasimende.

FUNDA NALAPHA:  https://www.umbele.co.za/2021/01/25/unamaphupho-amakhulu-usomabhizinisi-onenkampani-egxile-ekukhucululeni-nokubulala-amagciwane-uxoxe-nolanga-khanyile-ngezifiso-zakhe/

“Ukuqala ibhizinisi phansi kwakungelula. Sasingenazo izinsiza ezanele futhi kwakudingeka sithembele kakhulu ekukhulumeni nabantu ukuze sithole amakhasimende. Ukufunda sisaqala kwabawumqansa kodwa ukuthola imiphumela emihle emakhasimendeni okuqala kwasigqugquzela ukuqhubekela phambili. Umsebenzi ngamunye usifundise okuthile okusha futhi walekelela ibhizinisi ukuthi libe lapha likhona manje,” kusho uMkhize.

Echaza ngegama lenkampani waliqamba ngegama lomgwaqo wangakubo Indlulamithi Crescent. “Isikhathi esiningi uma abantu bebona mina ukuthi ngimude (bacabanga) ukuthi yingako inkampani ngayiqamba ngendlulamithi kanti cha,” kuchaza yena.

Enye yezinselelo abahlangabezana nazo wukungatholi usizo lwezimali, okwenza kwabanzima ukuthola izinsizakusebenza (imishini) ezisezingeni elifanele ukuze bakwazi ukufinyelela yonke indawo lapho bedingeka khona. 

 “Ezinye zezinto ezabayinselelo wukuthi amakhasimende awakholelwa ebhizinisini elisha kule mboni,” kusho yena.

Uthi amakhasimende ebo ngabanikazi bemizi, omasitende, izikole, amabhizinisi amancane, amahhovisi kahulumeni nezindawo zokuhlala.

Indlulamithi ayigcini ngokubulala izinambuzane, nokunye kodwa igxila ekwakheni ubudlelwano namakhasimende.

“Sifundisa amakhasimende ethu ukuthi angazivikela kanjani nokuthi angasebenzisa yiphi imikhiqizo ephephile ezinganeni nasezilwaneni zasekhaya. Sihlanganisa ukusebenza okuqondile okuhle, sizibophezele ukuletha imiphumela engaguquki,” kusho uMkhize.

Into ayithanda ngebhizinisi lakhe wukuthi benza umehluko ezindaweni zabantu zokuhlala nezokusebenza.

“Ukusiza (umuntu) ngenkinga anayo, ukubona ukukhululeka nokubonga kwakhe kuyasikhuthaza kakhulu nsuku zonke,” kusho uMkhize.

Okwamanje banezisebenzi ezimbili eziqashwe ngokugcwele kanti babiza abantu abahlanu betoho uma umsebenzi umningi. 

Iseluleko sakhe kwabafisa ukuqala ibhizinisi sithi: “Qala ngonako. Hlala wenze umsebenzi ngobungcweti ungaguquguquki futhi uqhubeke nokufunda. Izinselelo zizofika kodwa nokukhula kuzofika. Themba umbono wakho futhi ungapheli amandla.”

Uthi ufisa ukusabalala isifundazwe sonke, batshale imali nokubanomahambanendlwana ukuze abantu bathole usizo olusheshayo, bagcine benze ibhizinisi i-franchise.

“Sihlose ukusebenzisana kakhulu nezikole, omasipala, amahhotela nezinkampani ezinkulu ukulwa nezinambuzane okusezingeni eliphezulu ezindaweni ezinkulu,” kusho yena.

Facebook: Indlulamithi Services

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page