‘Uma uvulekile, yonge enye imali’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele uVincent Mtetwa, uwumculi we-jazz, uwumbhali wezingoma, umdlali wopiyano. Une-albhamu i-Judgement Day. Useke wajikeleza umhlaba iNingizimu Afrika naphesheya ehambisana nabanye abaculi okubalwa kubona uMadala Kunene, Umkhumbane Jazz Ensemble, uCaiphus Semenya noBrian Thusi
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Kwakungajwayelekile. Kwakuwukujatshuliswa ngabantu abadala uma kade bekuthumile ngaleso sikhathi bangiphe.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngo-1998, ngayivula eStandard Bank.
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Wukuthi imali ungayifaki kakhulu enhlizweni ngoba inendlela ethile ekuphoxa ngayo.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngangihlale ngiwumuntu (owondla ekhaya). Ngicabanga ukuthi ngashesha ukubayindoda isikhathi singakoshayi. Ngaphuma ekhaya ngineminyaka ewu-15 ukuyosebenzela ikusasa lami nomndeni wami.
Yini into enhle ongathi owake wayenza ngemali?
Ukwakhela umama ongizalayo umuzi, ukuzithengela izimoto, ukusiza abantu abahlwempu nokusiza esontweni.
Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?
Alikho.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha. Ngaba yingxenye yebhizinisi eli-online laphesheya elingaphumelelanga.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/28/sebenzisa-imali-ukuthuthukisa-imfundo-yakho/
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Ngiwumuntu ozilulekayo ngemali, akekho oseke wangitshela ngemali ukuthi iphathwa kanjani.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngingathenga umhlaba, ngakhe umuzi, ngithenge imoto encane bese ngibona ukuthi yiliphi uhlobo lwebhizinisi engingalenza.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Lo mkhakha womculo esikuwona eNingizimu Afrika awusasinakekeli njengoba besifisa, ngaloko noma kuthiwa yiliphi ithuba olitholayo, thola indlela yokonga imali ngoba umsebenzi awufiki njengenjwayelo. Uma uthole umsebenzi ozokuholela kahle, ungayisebenzisi imali ngokweqile, zama ukuthi uyonge.