Isikhulu esiphezulu seBusiness Leadership South Africa uNksz uBusisiwe Mavuso sithi iSabelomali esithulwe namhlanje kuhle ukuthi sizama ukucabangela wonke umuntu emphakathini kepha kumqoka ukuthi sisikhumbuza isimo esibi somnotho wezwe nejoka elisihlalele lokuwulungisa. Isithombe: Sithunyelwe

Uyancomeka umsebenzi ngeSabelomali – osomabhizinisi

INTATHELI YOMBELE

ISABELOMALI sesithathu sango-2025/26 sisahlela ukusebenzisa imali ngendlela okwakuhlelwe ngayo kwesathulwa ngomhlaka-12 wangoMashi, yize ungasekho uR75 billion obuzongena ukube iqhubekile nokunyuka intela ebanjwa ezimpahleni, i-value-added-tax (i-VAT). 

Ungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana kunaloko unciphise imali ethe xaxa ebihlelelwe ukwabiwa eminyakeni emithathu ezayo ngoR68bn, okugcizelela ukuthi imali eyisisekelo sokwabiwa kwemali kuzo zonke izinhlaka zikahulumeni ayishintshile. 

I-Business Leadership South Africa (iBLSA) iyayincoma indlela eyenza uhulumeni uqhubeke nokugxila ekuphuculeni ukuhlinzeka izidingo nezinguquko ezinqala, okuzokhulisa umnotho ngokuqhubeka kwesikhathi. 

Ukuvala igebe elivulwe wukunganyuki kwe-VAT, intela ebanjwa kuphethroli inyuke kakhulu njengoba izokhuphuka ngo-16cents ilitha kuthi ebanjwa kudizili inyuke ngo-15c ilitha, okongokokuqala eminyakeni emithathu kodwa okuzothwalisa kanzima umnotho. Kulindeleke ukuthi ungenise uR3.5bn ngo-2025/26 kanti kuzozwela kakhulu emindenini ehola kancane evele ithwele kanzima. 

Ukungenisa imali ethe xaxa, uGodongwana wabele uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) omunye uR7.5bn ukuqhubeka nokuphucula indlela olusebenza ngayo. 

Uthe loku kungenza iSars ingenise phakathi kukaR20bn noR50bn othe xaxa ngonyaka kanti enye yale mali ehlinzekelwe lolu phiko izosetshenziselwa ukuphucula ubuchwepheshe kanti lo msebenzi uzosetshenziselwa nokulwa nokudayiswa kogwayi owumbombayi nezinye izinto okubhekwe ukuthi zandise imali engenayo ngokuhamba kwesikhathi.  

I-Business Against Crime South Africa iyasebenzisana nohulumeni ukulwa nale nto ehlupha umnotho futhi iBLSA iyajabula ukuzwa ukuthi lokhu kuyaqhubeka nokubaseqhulwini. Sidinga zonke izinhlaka zikahulumeni ukuthi zizibophezele ukuze sinqobe le mpi.  

Into eyodwa ekhathazayo wukuthi umNyango weziMali uthi usulindele ukuthi umnotho ukhule ngo-1.4%, okungaphezulu kakhulu kokulindelwe abanye abantu okubalwa nokubikezelwe yi-International Monetary Fund, ethe uzokhula ngo-1%.

Loku kungaholela ekutheni kungene imali encane kunelindelekile. Futhi loku osekubikezelwa kungaphansi kokwakubikezelwe yilo mnyango ngoMashi. Wawuthe ubheke ukuthi ukhule ngo-1.9%, okugqamisa izinkinga ezikhona emhlabeni nasezweni ngomnotho. 

I-BLSA iyakuseka ukuzibophezela ekusebenziseni u-61c walo lonke irandi ukubheka “izidingo zenhlalakahle”, okubalwa kuzona izinto ezinjengogesi, amanzi, imfundo, ezempilo kwamahhala nezindlu ezibiza kahle nezibonelelo zikahulumeni. Njengoba ububha budlangile futhi nokuntuleka kwemisebenzi kuphezulu. Kumqoka ukunakekela abantu abaswele. 

Isibonelelo esethulwa ngesikhathi esethulwa ngesikhathi se-Covid-19 siluliwe kuzekube sekupheleni kukaMashi kanti kubalulekile ukuthi uhulumeni ubheka izindlela ezihlukene zokwenza lesi sibonelelo sihambisane namathuba emisebenzi. Lapha kubalwa ukuthi kubenemali yokulekelela abantu abafuna umsebenzi nezinye izinto, isiphakamiso iBLSA esesekayo.

Kuhle futhi ukubona kugxilwe ezinguqukweni ezinqala ezizokhulisa umnotho njengoba ungqongqoshe eziqinisekisile izindawo isigaba sesibili se-Operation Vulindlela esizogxila kuzona okukhona izinguquko ezivele zenziwa embonini kagesi, eyamanzi, ukuthutha izimpahla nokubuyekeza indlela okukhishwa ngayo ama-visa nezindawo ezintsha ezifana nomasipala, ezobuchwepheshe nokulungisa inselelo yokungalingani. 

Yizinto eziyizinselelo zonke lezi futhi imihlomulo yakhona izobonakala ngokuhamba kwesikhathi, ngakho iBLSA iyajabula ukubona ukuthi uhulumeni uyakuqonda ukuthi zonke lezi zinto zibaluleke kanjani ekwakheni umnotho ophilayo.  

U-R1trillion owabelwe ukuphucula ingqalasizinda eminyakeni emithathu ezayo usazoqhubeka nokubalulekile ukuseka zonke lezi zinguquko ezibalulwe ngenhla. 

Lilonke, indlela umnotho ohlelelwa ngayo isamile, yize isikweletu sizonyuka kancane ngenxa yokuthi umnotho usuzokhula ngaphansi kobekulindelekile. Kumqoka ukuthi izwe libambelele kuloku ukuze lihlale lithembekile, ikakhulu njengoba nezinkampani ezibuyekeza indlela amazwe aphatha ngayo umnotho seziqala ukuphucula indlela ezisiklelisa ngayo, okuyisinyathelo esincane kodwa esibalulekile ekubuyeleni esigabeni lapho sithathwa khona njengezwe okukuhle ukutshala imali kulona. 

Ngo-2025/26, isikweletu sikahulumeni kulindeleke ukuthi sinyukele ku-77% womthamo womnotho okungaphezulu ngo-1.2% kokwakubikezelwe kwiSabelomali esethulwa ngoMashi.  

Isikhulu esiphezulu seBLSA uNksz uBusisiwe Mavuso sithe: “Uma kubhekwa izimo ezinzima ezikhona nokuthi kudingeke iSabelomali sango-2025/26 sihlanganiswe kathathu, iBLSA ikholwa wukuthi kuhle loku okuzuziwe. Le Sabelomali (esithulwe namhlanje) sizama ukuhlanganisa wonke umuntu emphakathini kodwa futhi sitshengisa isimo esibi somnotho wethu nomsebenzi onzima osihlalele wokuwulungisa,” kusho yena. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/21/umnotho-wethu-uyahluleka-kanti-kufanele-sikulungise-loku-kuloba-ubusi-mavuso/

Ngenxa yalokhu, iBLSA imshayela izandla uGodongwana nomsebenzi owenziwe wumnyango wakhe kusukela ngo-2013 wokubuyekeza indlela uhulumeni osebenzisa imali ngayo, okutshengise izindawo lapho imali ichitheka khona. Bathole ukuthi imali engase yongiwe iwu-R37.5bn ngokuphucula indlela okugadwa ngayo. 

Uphinde wathi nezinhlelo ezingatheli izithelo zizovalwa kule minyaka emithathu ezayo ngesikhathi kubuyekezwa nendlela iSabelomali esihlanganiswa ngayo. 

“Siyakudinga kakhulu loku, ikakhulu ukubuyekeza zonke izinhlaka zikahulumeni,” kusho uNksz uMavuso.  

Izwe lidinga kubuyekezwe ngaphandle kokwenzelela kusetshenziswe izindlela okwaziwayo ukuthi ziyasebenza ukubheka umphumela wezinhlelo kanti kunezinqumo ezinzima okuzofanele zithathwe. Uhulumeni osebenza kahle uzoba nesandla esikhulu emnothweni osebenza ngendlela efanele.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page