Ukhomishana weFinancial Sector Conduct Authority uMnu u-Unathi Kamlana wathembisa ukuthi bazoqinisekisa ukuthi izinkampani ezisebenza ngemali zilwa nobushokobezi. Isithombe: Sithunyelwe

I-Ninety One Fund Managers ithole uswazi oluwu-R3 million

YINTATHELI YOMBELE

UMLAWULI wemboni yezimali iFinancial Sector Conduct Authority (iFSCA) uhlawulise i-Ninety One Fund Managers uR3 million ngokuphula isigaba 42(1) no (2) sokuphatha imali.

Loku kuvele emva kokuthi iFSCA yenze uphenyo ngokuziphatha kwe-Ninety One Fund Managers, okuvele ukuthi ayinazo izinhlelo zokugcina kahle imininingwane yabantu ukuze ilwe nokushushumbisa imali esetshenziselwe ukuxhasa izenzo zobushokobezi.

Uphenyo lweFSCA luthole ukuthi i-Ninety One Fund Managers ayisilandeli isigaba 21, u-21A, u-21B no-21C sokubika uma kukhona okusolisayo kuma-akhawunti amakhasimende ayo. Ngokwalezi zigaba zomthetho wokulwa noboshokobezi  izinkampani ezisebenza ngemali kufanele zibike uma kukhona okusolisayo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/24/sekusele-kancane-ukuthi-iningizimu-afrika-iphume-kwi-grey-list/

I-FSCA iveze ukuthi yize i-Ninety One Fund Managers ingawabhekisisi kahle amakhasimende ayo ukuthi ayibeka kanjani imali nokuthi uma kufakwe imali esolisayo ayizithathi izinyathelo ezifanele kodwa ayikwazi ukubona ukuthi amakhasimende ayo angobani noma ama-akhawunti awobani futhi ayikaze iphenyisise ngamakhasimende ayo. 

Kuvele ukuthi yize i-Ninety One Fund Managers ike yasidlulisa lesi sigwebo esiwuR3 million ngoNovemba wangonyaka odlule kodwa emva kokuxoxisana neFSCA izihoxisile izinhlelo zokusidlulisa. 

I-FSCA ilengise uR500 000 kwisigwebo esiwuR3m. Lo R500 000 uzolengiswa iminyaka emtihathu ngombandela wokuthi i-Ninety One Fund Managers kufanele ilungise izinto okukhalwe ngazo.

Izinhlelo zeFSCA zokuqapha izinkampani ezisebenza ngemali zilandela ukuthi inhlangano elwa nokusebenzisa imali ukuxhasa ubushokobezi emhlabeni jikelele iFinancial Action Task Force yaklelisa iNingizimu Afrika yabayizwe okulula ukushushumbisa imali kulona ngenxa yokungaqinisi isandla ezinkampanini ezisebenza ngemali. 

Kusukela ngoNovemba wango-2023 kuningi osekwenziwe ukuqinisa imithetho nezindlela zokulwa nokushushumbiswa kwemali nezinhlelo zokuxhasa abashokobezi.

I-FSCA icele zonke izinkampani ezisebenza ngemali ukuthi ziqinise umthetho futhi ziyiqaphele imali engenayo nephumayo ukuthi isuke iyokwenzani.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page