Inkantolo ishayelele isipikili ngesinqumo nge-VAT
WUBONISWA MOHALE
ABANTU baseNingizimu Afrika sebenesiqiniseko sokuthi ngeke inyuke intela yezimpahla i-value added tax (i-VAT) emva kokuthi iNkantolo eNkulu eCape Town ikhiphe isinqumo esimisa ukunyuswa kwayo. Bekulindeleke ukuthi i–VAT inyuke ngo-0.5 percentage point ngoLwesine bese inyuka ngendlela efanayo ekuqaleni kwango-Ephreli wonyaka ozayo kodwa inkantolo yakumisa loku.
Isinqumo senkantolo silandela isimemezelo sikangqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana obesethe uyakumisa ukunyuka kwale ntela. NgoLwesihlanu uthe uzosilandela isinqumo senkantolo ngoba siyahambisana nesimemezelo akade esesenzile ngomhlaka-23 wango-Ephreli.
Esitatimendeni uthe isiphakamiso ayesenzile ngomhlaka-12 wangoMashi sokunyusa i-VAT besihambisana nomThethosisekelo kwazise aziziningi izindlela anazo zokungenisa imali yokuhambisa izidingo kubantu.
Ubalule ukuthi emva kokuthola ukuthi lesi sinqumo asisekwa ngamaqembu amaningi ePhalamende uhlale phansi nezinhlaka ezifanele wase esihoxisa. Ukusihoxisa kwakhe kuzoshiya umgodi owuR75 billion esikhwameni sezwe futhi sizobanomphumela ongemuhle ekuhambiseni izidingo zomphakathi.
Ukhomishana weSouth African Revenue Service uMnu u-Edward Kieswetter uthe isinqumo senkantolo sizoqinisekisa ukuthi akukho ukudideka ngalolu daba ngoba intela ngeke inyuke.
Uthe amabhizinisi awanaso isizathu sokwenza okuphambene nesinqumo senkantolo. Uthembise ukuthi uzowaqapha ngeso lokhozi ukuze kungabikho enza okuphambene nomthetho.
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe uGodongwana akakhulumi iqiniso uma ethi aziziningi izindlela zokungenisa imali esikhwameni sezwe, wathi ziningi kabi izindlela zokufaka imali anikwe zona.
Uthe kufanele ehle esikhundleni ngoba uma ebona kulula ukunyusa i-VAT kusho ukuthi akasenawo amacebo okukhulisa umnotho ukuze kungene imali esikhwameni sezwe futhi kudaleke nemisebenzi.
Umholi we-EFF uMnu uJulius Malema uthe yiqembu lakhe elenze ukuthi ingayuki intela yezimpahla ngokuya enkantolo. Ugxeke amaqembu abize isithangami sabezindaba ne-ANC ememezela ukuhoxa kokunyuka kwentela ngokuthi, ayaphapha ngoba ngaleso sikhathi kwakungakacaci, kwazise inkantolo ibingakanqumi.
NoMalema uthe uGodongwana sekufanele asule esikhundleni kungene umuntu onamasu okukhulisa umnotho. I-DA, nayo ebifake udaba lwentela enkantolo, izishaya isifuba ngokuthi yiyona eyenze ukuthi le ntela inganyuki.
Umfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions isithakasele lesi sinqumo. Ithe besizozwela kakhulu kwizisebenzi nabantu abampofu.