UNksz uTsholofelo Mokwele, umsunguli weTCM Squared Farming Projects, yaseRietfontein, Ekangala, eMpumalanga. Izithombe: Zithunyelwe

Ulima, afuye ngezindlela zesimanje owashiya ubunjiniyela

WUTHOBILE ZWANE 

INTOKAZI yaseMpumalanga yaqala iqashiwe iwuchwepheshe ngaphambi kokuthola uthando lwayo – ukulima nokufuya.

Umsunguli weTCM Squared Farming Projects yaseRietfontein, Ekangala, uNksz uTsholofelo Mokwele waqala ewuchwepheshe kagesi, esebenza e-lab. Ngokuqhubeka kwesikhathi  wabona ukuthi lo msebenzi wawungamjabulisi. Uthi ngoJanuwari 2020 waqunga isibindi wayeka umsebenzi wakhe ukuze angene kwezolimo nokufuya.

UNksz uMokwele, oneminyaka ewu-33, uthi njengoba wayengenayo imali yokuqala kwafanele adayise imoto yakhe iMini Cooper wasebenzisa leyo mali ukuqala ibhizinisi lakhe. Waqala ipulazi emhlabeni womndeni eRietfontein, indawo okwase kuphele iminyaka ecela kweyishumi ingasetshenziswa ngemva kokushona kwamkhulu wakhe, owayewumlimi.

“Ngilima ngokwencwadi kodwa ngisebenzisa amasu umkhulu angifundisa wona,” kusho yena. 

Ekuqaleni wasebenzisa amahektha amabili kuphela epulazi elingamahektha awu-470. Watshala ispinashi, upelepele oluhlaza, utamatisi, iklabishi elibomvu no-anyanisi. Ngokuqhubeka kwesikhathi waqala ukufuya izimbuzi, izinkomo nezinkukhu.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/05/06/washiya-umsebenzi-wasehhovisi-wayosebenza-umhlabathi/

UNksz uMokwele nemfuyo yaseTCM Squared Farming Projects

Ngenxa yokuthi uNksz uMokwele wayefuna ukulima ngendlela efanele, aya eBuhle Farming Academy wayofundela i-animal production. Wafunda nokufuya izinkukhu nezingulube, ukuphatha ipulazi, wenza izifundo zokuqonda izimali nokuphatha imfucuza epulazini.

UNksz uMokwele uthi akafuni ukusala ezintweni ngoba usebenzisa izindlela  zesimanje uGoogle Sheets ukulandela imali yakhe, i-GPS ukulinganisa umhlaba ne-Plantix ukubheka izinambuzane nokuhlola izifo emfuyweni yakhe.

UNksz uMokwele uthi isivuno sakhe sitholakala eTshwane Fresh Produce Market, futhi uhlinzeka umkhiqizo wabo ezitolo zendawo ezifana i-Spar ne-Roots

Uthi uqashe izisebenzi ezimbili ezisebenza ngokugcwele nezetoho lezikhathi zonyaka ezithile ukudala amathuba omsebenzi emphakathini wangakubo.

Useke wabhekana nezinselelo epulazini. Uthi ngo-2023, wantshontshelwa izimbuzi eziwu-20. Kwamfaka ezindlekweni zokufaka amakhamera. 

Unezifiso ezinkulu, okubalwa kuzona ukwakha indawo yokupakisha, ukwandisa isivuno nezinkomo nokusebenzisa ubuchwepheshe ukuze kuthuthukiswe yonke into. Ufuna ukukhula abe nebhizinisi elikhulu, eliphumelelayo lokulima nelidala amathuba emisebenzi futhi elondla umphakathi wakubo. “Ngaqala nginothando, kodwa manje ngakha ikusasa.” 

Facebook: Tsholofelo Mokwele

X:@tcmsquared18

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page