Abantu ababeke imibono ngesabelomali – umasipala
YINTATHELI YOMBELE
ABANTU abanokukhubazeka bakuthakasele ukunikwa ithuba lokuphawula ngesabelomali sikaR71.3 billion sango-2025/25 sikaMasipala weThekwini.
UMasipala waseThekwini usanda kuhlangana nabantu abakhubazekile e-Olive Convention Centre, lapho iMeya yaseThekwini uMnu uCyril Xaba, usomlomo waseThekwini uMnu uThabani Nyawose nezisebenzi zophiko lwezeziMali kulo masipala bebechazela abantu ngezinhlelo ezizokwenziwa ngoR71.3bn futhi bebanika ithuba lokubeka imibono.
Abantu abakhubazekile bathe bafuna ukuzibona zenzeka izinhlelo zokubasiza ezibikwe wumasipala njengoba nabo bethanda ukuzimela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/20/umasipala-wasethekwini-ubeke-ur10-billion-ukulungisa-ingqalasizinda/
Bakuthakasele nokuthi umasipala uzolungisa ingqalasizinda ukuze bakwazi ukuhamba ngokukhululeka kuzo zonke izindawo zaseThekwini.
UNyawose ukhuthaze abantu ukuthi bahambele izithangami ezikhuluma ngesabelo mali ze-Draft Intergrated Development Plan, eziya ezindaweni ezihlukene zaseThekwini.
“Kubalulekile ukuthi abantu babeke imibono yabo ezinhlelweni zethu zokwaba imali. Kulezi zithangami kusuke kukhona mina, imeya nezinye izisebenzi zikamasipala. Siyayithatha imibono yabantu ukuze siqhubeke nokuphucula impilo yabo,” kusho yena.
UNyawose uthe umasipala unohlu lwezindawo oya kuzona ozimemezela ngaphambi kokuya kuzona ukuze abantu bakwazi ukuyobeka imibono yabo.
Ukhumbuze abantu ukuthi umasipala ukhona ukuphucula impilo yabo futhi unohlelo lokuqinisekisa ukuthi zonke izifunda zalo masipala ziyasimama ngokomnotho.