‘Imali akusiyona into yokubukwa’
Kuleli sonto kuSAZIWAYO sikuphathele uZama Ngcobo, odlala indawo kaMaDongwe emdlalweni wethelevishini Uzalo, umculi, umdansi, umphathi wohlelo emicimbini nomethuli wezinkulumo ezakhayo
WUTHOBILE ZWANE
Usemncane wawuphiwa yini imali?
Yebo ngangiphiwa imali.
Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?
Ngaqala ngineminyaka ewu-15. Wumama owangivulelela eFirst National Bank (eFNB).
Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?
Imali uyayilonda, awuvele umose imali ngezinto zokuthi ubukwe. Uthenga izidingo ngemali, hhayi okufunayo. Ngakhula ngalowo mqondo, yingakho ngilapha engikhona namanje.
Wawenzani umholo wakho wokuqala?
Ngathengela umama igrosa, ngoba ngangihlale ngithi njengoba ngidla kangaka uma sengisebenza umama ngifuna ukumthengela izinto. Ngathengela nengane kabhuti izingubo, enye ngayibeka.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/25/ungayibhubhudli-imali-cabangela-ikusasa/
Yini into enhle ongathi usuwake wayenza ngemali?
Ngathenga (iveni), hhayi imoto yokubukwa. Nanamhlanje leyo moto isangingenisela imali.
Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?
Angisakhumbuli konke kodwa ngingathi wukuthenga izicathulo ezazibiza ngaleso sikhathi. Ngathi sengizigqoka ngabuka ukuthi kahle hle, akekho nozibonayo ukuthi ngigqoke izicathulo ezibizayo, (lapho) ngingeke ngisaziphindisela emuva.
Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?
Cha angikaze.
Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?
Wukuthi imali iyanakekelwa. Kufanele wenze izinto ezibalulekile ngemali. Kufanele wenze into ezokugculisa ozokwazi ukuyikhomba ngemali.
Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?
Ngiyawutshala, ngidle inzalo ngiqhubeke nebhizinisi lami, leli enginalo njengamanje.
Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?
Asingenzi into senzele ukubukwa abantu nokuthi sifuna ukugcina igama lethu lokuthi singobani ngoba ekugcineni uwena umuntu ohluphekayo. Kufanele ubenenye indlela ekungenisela imali eceleni ukuze kungathi uma usunenkinga bese ucelelwa iminikelo ngoba kulo mkhakha wethu ulala usebenza, uvuke ungasasebenzi.