‘Imali akuyona into yokubhubhudlwa namantombazane’

WUTHOBILE ZWANE

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele U-DJ Muntu ‘Master Blaster’ Khoza wodumo lomculo ongasoze wabuna, i-soul ne-R&B.  Useke wadlala emicimbini emikhulu njengeMTN Music Festival, Umlazi Jazz Festival neLovers’ Only Picnic, udlala emishadweni neminye imicimbi 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Cha ngiphuma ekhaya elalinabazali abampofu, akekho owaye ngipha imali. Ngangizibonela mina ukuthi kumele ngenzenjani. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Ngaqala ngo-1981, ngiyivula e-African Bank.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali iyabekwa nokuthi uma usakhula kufanele ukwazi ukuyibeka nokuthi ukondla abazali uma besaphila.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngakuqala ukusebenza ngo-1978, ngihola u-R250 ngenyanga. Ngathenga i-albhamu yami yokuqala yokuqala eyayibiza uR6 ngaleso sikhathi.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngafaka ugesi, ngathenga nosofa ekhaya.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Kaningi, kudliwa imali nalezi zigebengu ezingamantombazane. Yayidliwa kakhulu imali ngoba ngangithanda abantu besifazane kakhulu.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Cha angikaze ngiyidlale leyo nto. Angiyena umuntu ogembulayo.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Wukuthi into ebalulekile kufanele ukuthi ukwazi ubeka imali. Noma izinto zingakuhambeli kahle kodwa wazi ukuthi kukhona onako okubekile. Kubalulekile ukuthi wonge imali.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Into engingayenza nginganweba, ngilungise umuzi wami ube muhle, enye ngiyidle. U-R1 million awuyona into ongathembela kuyona ngoba (mncane).

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Kufanele baziphathe kahle, bayeke ukushayela phezulu nokuthi bangadli imali namantombazane. Lo mkhakha uyinto yesikhashana, usuke unenhlanhla uma uqhubeka isikhathi eside. Kufanele uyibeke imali ngoba abantu abakuthandi njalo, kukhona isikhathi lapho bekhathala khona bafune omunye umuntu owu-DJ.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/09/15/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sixoxa-nomandisa-cebekhulu-umculi-we-african-soul-udume-ngengoma-kasun-el-musician-ethi-buyisa-kanti-useke-wasebenza-namaciko-okukhona-kuwo-udj-kabila-ucitizen-deep/

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page