UNkk uNcebakazi Sobai, umnikazi weCleanex Hudumaa, yaseZimbane, eMthatha, eMpumlanga Kapa, eyenza imikhiqizo yokuwasha. Izithombe: Zithunyelwe

Umkhiqizi wezinto zokuhlanza usetholakala ezitolo ezinkulu

WUTHOBILE ZWANE 

EMAJUKUJUKWINI aseMthatha, eMpumalanga Kapa, ngemva kwendlu ethule kunegumbi elincane eligcwele izifiso, izigubhu ezigcwele imikhiqizo yokuhlanza nentokazi efisa ukubanefemu ngelinye ilanga. 

UNkk uNcebakazi Sobai, waseZimbane, eMthatha, uwumsunguli weCleanex Hudumaa, inkampani echumayo eyenzaimikhiqizo yokuwasha etholakala emashalofini aseSpar. Wayiqala ngo-2019. 

Inkampani yakhe ikhiqiza i-pine gel, insipho yokuwasha izitsha, upholishi waphansi, i-fabric softener nokunye.

Uthi belungelula uhambo lokuqala ibhizinisi. “Ngayeka esikoleni emabangeni aphakeme ngikhulelwe kodwa ngoba ngangiwumuntu obezimisele olwela ukuphumelela. Kwaphela iminyaka eminingi ngingawutholi umsebenzi, ngagcina sengidayisa emgwaqweni nesoka lami, manje eseliwumyeni wami. Lalidayisa emigwaqweni yaseMthatha ngase-Unisa,” kukhumbula yena. 

Uthi umyeni wakhe wayedayisa umshwalense kwesinye isikhathi wayehola imali elinganiselwa kuR3 000 ngesonto.

 “Ngamcela ukuthi angisize angibekele uR10 000 ukuze ngiqeqeshelwe ukwenza insipho. Kwasithatha unyaka wonke ukuthi kuhlangane imali,” kusho yena. 

Uthi ekugcineni esekutholile ukucijwa eGqeberha kwavuka okuthile kuyena, ukuthi wayefisa okungaphezulu.

Eminye yemikhiqizo yiCleanex Hudumaa 

“Ngangifuna ukuzithuthukisa ngokwanele ngolwazi. ngaqala ngasebenzisa uR20 ngosuku ukuze ngisebenzise i-internet cafe ngenze ucwaningo. Ngathola amanyuvesi amabili anganginika engangikudinga futhi ngazitshela ukuthi ngizokuthatha kokubili,” kulanda yena. 

“Yilapho ngaqala khona ukubanentshisekelo emikhiqizweni yokuhlanza. Ngala ngafuna ukuqonda ukuthi zisebenza kanjani nokuthi zenziwa kanjani,” kukhumbula yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/13/usefike-wazitholela-isikhala-sakhe-oqhudelana-nezikhondlakhondla-zemikhiqizo-yokuhlanza-uxoxe-nentatheli-yombele/

UNkk uSobai uthi waqala ngeTshwane University of Technology, ngaphezulu kokuthi kwakubiza waqala wazifundisa ikhompyutha, wase ebhala izicelo zosizo, kanti i-OR Tambo District Municipality izophendula, okwashintsha yonke into.

“Ngikhumbula ngidayisa izinsipho ngamaphakethe amabi, ngama-container asetshenzisiwe  esasiwathathe emigqonyeni kadoti edolobheni. Ngemva komsebenzi, sasiwawasha kuze kubesebusuku. Kwakungavamile ukuthi silale ngaphambi kwamabili,” kusho yena.

Namuhla, uthi usenemishini yokukhiqiza esezingeni eliphezulu  kodwa inselelo wukuthi akakabi nefemu. Uthi imishini ihlala ezindaweni ezihlukene, iqoqa uthuli nokugqwala. Uthi usethenge umhlaba kodwa udinga imali elinganiselwa kuR2.4 million ukwakha indawo yokukhiqiza.

Uthi okwamanje unezisebenzi ezinhlanu eziyitoho futhi uthi ukulungele ukudala imisebenzi eyisithupha yabaqashwe ngokugcwele uma ifemu eseyakhile.

“Kungakapheli iminyaka emithathu, lesi sibalo sizokhula futhi angifuni nje ukwakha ibhizinisi kuphela ngifuna ukudlulisa amakhono kwabanye abantu,” kusho uNkk uSobai. 

Njengomuntu osefundise abanye ukuthi bazenzele imikhiqizo yabo, manje unxusa ungqongqoshe wezokuzoThuthukisa amaBhizinisi amaNcane neminyango kamasipala ukuthi bamsize aqeqeshe abahwebi abangahleliwe eMpumalanga Kapa okwesinye sezifundazwe zaseNingizimu Afrika ezithinteke kakhulu uma kukhulunywa ngokuntuleka kwemisebenzi.

“Baningi abantu engihlangana nabo abafuna ukufunda kodwa abanayo imali yokuzikhokhela. Uma singabathuthukisa ngamakhono, singaguqula abadayisi babe ngabanikazi bamabhizinisi nabadala amathuba imisebenzi,” kusho uNkk uSobai. 

Kumuntu ofisa ukuqala ibhizinisi uthe noma kuthiwa uyafunda esikoleni, fundela ukuthi wakhe amathuba emisebenzi.

“Vula elakho ithuba nelomunye umuntu. Ungalindi. Yenza okuthile. Qala okuthile. Konke okubonakala kungenakwenzeka ebantwini kungenzeka kuNkulunkulu,”kusho uNkk uSobai. 

Esikhathini esizayo, uthi ufisa ukuthi i-Afrika izoba nemikhiqizo yakhe kuwo wonke amashalofu ezitolo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/13/usefike-wazitholela-isikhala-sakhe-oqhudelana-nezikhondlakhondla-zemikhiqizo-yokuhlanza-uxoxe-nentatheli-yombele/

Facebook: Ncebakazi Sobai

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page