Okuchazwa wukuhoxisa ukukhuphula i-VAT
YINTATHELI YOMBELE
EMVA kokuthi ungqongqoshe womNyango weziMali eNingizimu Afrika ememezele ukuhoxisa ukunyusa intela yezimpahla i-value-added-tax (i-VAT), obekuzokwenzeka ngenyanga uphiko oluqoqa intela iSouth African Revenue Service (iSars) ichaze ukuthi lesi sinqumo sokuhoxisa ukunyusa i-value added tax (i-VAT) ngo-0.5 percentage points, kuzobanamuphi umphumela.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/24/ugodongwana-ugobe-uphondo-ehoxisa-ukunyusa-i-vat/
UKhomishana we-SARS uMnu u-Edward Kieswetter ukhiphe isitatimende esibhekiswe kwabezindaba namhlanje, lapho eveze ukuthi lesi sinqumo sibathinta kanjani osomabhizinisi nabathengi. Wengeze ngokuthi uzoqinisekisa ukuthi kwenzeka izinguquko ezifanele ngoshintsho oselwenzekile.
Uthe uyazi ukuthi abantu nosomabhizinisi besebeqalile ukuzilungiselela ukuthi bazobhekana kanjani nokunyuka kwe-VAT njengoba kuqhubeka izingxoxo ePhalamende.
“Ukuhoxa ukunyusa intela kulandela amasonto ezinkulumompikiswano ebezenzeka ePhalamende nokuphawula komphakathi, kusho ukuthi i-VAT izohlala ku-15% esikhundleni sokuthi iye-15.5%,” kusho yena.
U-Kieswetter uthe abadayisi nabathengi besebevele beqalile ukulungiselela ukukhuphuka, ukutshala imali ekuthuthukiseni uhlelo, ukulungisa intengo ngezindlela zokuthobela imithetho. Ugcizelele ukuthi iSars izibophezele ukuthonya izinguquko nokunciphisa ukudideka phakathi kwamabhizinisi nomphakathi.
Kusukela mhlaka-1 wangoMeyi 2025, i-Sars ithi amabhizinisi akhokhisa i-VAT kufanele enze loku okulandelayo:
1) Amabhizinisi akhokhisa i-VAT akade eseshintshe amanani awo ukuthi azonyusa intela ibe wu-15.5% kufanele akumise loku;
2) Yonke i-VAT yezimpahla nemisebenzi okufanele ikhokhiswe abantu izohlala ku-15%, ukulandela umthetho. Osomabhizinisi bazonikwa isikhathi esifishane sokulungisa loku.
3) Osomabhizinisi abangakwazanga ukulungisa izinhlelo zabo emva kokushintsha intela ibe wu-15.5% kufanele bayibuyisele ku-15%. Bazonikwa kuze kubemhlaka-15 wangoMeyi ukwenza loku;
4) Imisebenzi ekhokhiswe ngenani eliwu-15.5% kufanele ibikwe emaphepheni okubikwa ngawo ukusebenza kwe-VAT athunyelwa kumqoqintela;
5) Noma iyiphi inkokhelo noma imali ezobuyiselwa emakhasimendeni nalapho amabhizinisi ethenga khona impahla ebuyiswe ngesikhathi kukhokhwa u-0.5% oweqile kufanele ibhalwe kahle emaphepheni omqoqintela;
6) Yonke imininingwane ye-VAT ezobhalwa ngalesi sikhathi izocutshungulwa ukuze kusetshenziswa inani elifanele;
7) Uhlelo olubala i-VAT luzobuyela emuva ekubaleni i-VAT ngo-15% kusukela ngomhlaka-1 wangoMeyi;
8) Amabhizinisi akade esenze izinguquko zika-15.5% kwi-VAT ayagqugquzelwa ukuthi azishintshe kungakaqali inyanga entsha.
U-Kieswetter uthe: “Siyaqonda ukuthi lolu daba luyadida, nosekuholele ekutheni sibenalesi simo. I-Sars izokwenza konke okusemandleni ayo ukucacisela abantu ukuze kungabikhona ukudideka kubo bonke osomabhizinisi ngalolu daba.”