Bavusa amateki asekhathele akhange, adle ngobuciko
WUTHOBILE ZWANE
UKUGUGA kwamateki ensinzwa yaseTaung, eNorth West, eyayiwaphiwe wumalume wayo, ayeyisipho esiyigugu kuyona, kwayenza yawavusa.
Ikhono lokuvusa amateki lenza abanye abantu bamcela ubuthaphuthaphu ukuthi abalungisele amateki abo. Namuhla uMnu uTshidiso Motlhabane usenza nezinye izimpahla njengamakepisi.
Umnikazi we-The Shoe Mechanic waseTaung, eNorth West, kodwa osezinze eRandburg, eGoli, eGauteng, uthi ibhizinisi lakhe waliqala ngo-2019 egxile ekulungiseni izicathulo nezimpahla zokugqoka.
UMotlhabane uthi wayengazi ukuthi ukulungisa amateki ayigugu kwakuzokhula kubeyibhizinisi. Uthi inhloso kwakungukugcina amateki awathengelwa wumalume wakhe online emahle.
“Ngesikhathi engathengelwa ngaso la mateki ayengajwayelekile kanti ngangiwathanda. Ngesikhathi eseguga ngangingafuni ukuwalahla,” kukhumbula yena.

Amateki akhe wawapenda, waphesha. Emva kwaloko avuka aqhakaza futhi ahluka kunakuqala.
UMotlhabane uthi wayehlale ewumuntu onesitayela esihlukile kodwa kwakungekona nje ukubukeka kahle. Wayefuna ukuzizwa ebukeka kahle futhi ehlukile njengokuthi izicathulo azigqokile zixoxe indaba kwagcina ngokuthi lowo mqondo ube wumongo webhizinisi lakhe.
“Ngafunda ngokubuka ama-video ku-YouTube nokwenza amaphutha. Ngazifundisa ubuciko bokwenza amateki ngezindlela ezihlukene. Ngafunda ukudweba, ukuhlobisa nokupenda, ukushintsha ngokuphelele ukubukeka kwesicathulo.
“Ekuqaleni ngangiwalungisa ngingabatshengisi abantu umsebenzi wami. Ngokuhamba kwesikhathi ngaqala ukufaka izithombe zomsebenzi wami ezinkudleni zokuxhumana. Yilapho yonke into yashintsha khona,” kusho uMothlabane.
Uthi abantu baqala lapho ukumcela abalungisele izithaculo zabo ngoba bebona ikhono lakhe. Kulapho yatshintsha khona iShoe Mechanic yangagcina ngokudokotela izicathulo zakhe kuphela, kwaba eyokusiza abanye abantu ukuthi bangalahli izinto eziyigugu kubona ngoba sezigugile.

Imali ayithola wakhokhela izifundo zakhe enyuvesi, lapho ayefundela khona i-Bachelor of Laws e-University of South Africa.
UMotlhabane akawuvali umlomo ngamandla ezinkundla zokuxhumana ukukhangisa ibhizinisi lakhe. Uthi ningi lamakhasimende akhe limthola kuWhatsApp, uFacebook, uTikTok ne-Instagram.
“Izicathulo zivela kuyo yonke iNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane, okubalwa iLesotho nase-Eswatini. Izinkundla zokuxhumana zingisize ukuthi ngithole amakhasimende ngaphandle kokusebenzisa imali yokuzikhangisa. Zinamandla kakhulu izinkundla zokuxhumana,” kusho yena.
Njengabo bonke osomabhizinisi abasafufusa, unezifiso ngekusasa le-The Shoe Mechanic. Ufisa ukuthi ikhule, hhayi nje ngokuduma kodwa ngokudala amathuba omsebenzi.
“Impumelelo kimina ayikona ukuthi ngenza malini kodwa imayelana nokubona abantu abasha bethola izwi, ubuciko nendlela yabo,” kusho yena.
Ufisa ukuvula indawo yamaciko lapho amaciko asemancane engakwazi ukusebenzisana futhi aqhamuke nezindlela ezintsha zokuguqula imfashini. Indawo lapho izinto ezigugile zizokwenziwa zinhle nabantu bathole amakhono angaziwa.
Facebook: TheShoeMachenic_
Instagram: @TheShoeMachenic
TikTok: TheShoeMachenic