Umfuyi wezingulube wathola isibusiso kunina ongasekho 

WUNOKO MASHILO

UMFUYI wezingulube waqamba enye yezingulube zakhe ngonina ongasekho uMmatale. Uthi loku wukuhlonipha unina, naye owayewumlimi omncane. 

Umnikazi weBoMoshoeshoe Pig Farming uNksz uDorris Mokgabudi, oneminyaka ewu-42, uthi akulona igama likanina kuphela alinike izingulube zakhe. 

“Sesiqambe nezinye izingulube ngezigodi eziseduze ezake zaseka umama. La magama asiza ukukhomba izingulube, ikakhulu phakathi komhlambi omkhulu enginawo esibayeni sami,” kusho yena.

UNksz uMokgabudi uthi ngaphambi kokushona kukanina wamdayisela ingulube emhlophe emithi, eyazala amachwane awu-12. 

“Ngemva kokushona kukamama, ngabona sengathi yimi engikhethiwe. Ukungidayisela kwakhe ingulube kwakuyindlela yakhe yokudlulisela umsebenzi kimi,” kulanda yena.

Uthi ungumfuyi ogxile ekukhuliseni izingulube ezinkulu ezimhlophe nezinombala ophinki ezibizwa ngokuthi i-landrace ne-camborough. Unezingulube ezingaphezu kuka-70 ezinkulu, namachwane amaningi.

Izingulube zeBoMoshoeshoe Pig Farming

UNksz uMokgabudi unokuxhumana okujulile nezingulube zakhe, uthi uzidayisa ezindalini eGroblersdal, eLimpopo, emadeleni aseMiddleburg, eMpumalanga, nakubantu abathanda izingulube edolobhaneni lakubo e-Uitspanning, eDennilton, eLimpopo, nasezindaweni eziseduze naye.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2023/04/11/izinselelo-zebhizinisi-lokufuya-zimfundise-ukuthi-ukuhlelela-izikhathi-zobunzima-uma-kubhimba-uhlelo-intatheli-yombele-iyabika/

“Kodwa-ke, ngincamela ukuzidayisa emadeleni nakubantu basezigodini ezihlukene abasangikhangisela izingulube zami. Inzuzo yinhle futhi ngiyathokoza ngayo,” kusho uNksz uMokgabudi. 

Unohlelo olukhethekile alulandelayo lokuqinisekisa ukuthi izingulube zakhe zithola ukudla okunomsoco. “Izingulube zethu siqala ukuzipha ukudla uma sezizoyeka  ibele njengoba ziqala ngobisi lwebele lezingulube olusethinini uma sezinamasonto amane kuya kwawu-14. Sibesesizipha ukudla okuqinile njengoba zisuke sezikhulile,” kusho yena.

Wengeze ngokuthi izingulube zezinsikazi nezingamaduna zinikwa ukudla kwezingulube kwasesitolo, ziphakelwe oncamnce okuba ngamakhabe, amaklabishi, ubhatata nesinkwa. 

“Ezisakhula eziwu-35 zithengelwa ukudla okusesakeni eliwu-40kg, Ngithenga amasaka awu-15 ahlala izinyanga ezine. Igoqo lezingulube sihlukaniswe ngamagumbi ayishumi ukuze kuhlaliswe izinhlobo ezihlukene zezingulube, kuqinisekiswe ukuthi zinakekelwa ngendlela efanele, kubalwa indawo yokuzala yokuthi izingulube zihlangane nalapho ezezinsikazi ezizalela khona. Indawo yokululama nomsele olahla imfucuza. Imfucuza isetshenziswa njengomanyolo,” kusho yena.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: https://vutivibusiness.co.za/

Facebook: BoMoshoeshoe Trading Pty Ltd

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page