UNksz u-Aphiwe Mtshali, umnikazi weHlelakahle Projects yaseMuden, ngaseMdlovana, KwaZulu-Natali, elima amaveji. Izithombe: Zithunyelwe

Owashiya umsebenzi ukuvala isikhala usedayisela izikhondlakhondla

WUTHOBILE ZWANE 

UMLIMI wesifazane osemncane waKwaZulu-Natali obenganalwazi lwezolimo washiya umsebenzi awuthandayo ukuvala isikhala esasisempilweni yayo nokondla isizwe. Namuhla uphakela izitolo ezinkulu, okubalwa uBoxer noSpar.

Umnikazi weHlelakahle Projects uNksz u-Aphiwe Mtshali, oneminyaka ewu-36 

waseMudeni, ngaseMdlovana, utshala amaveji endaweni engamahektha ayishumi ayisebenza noyise.

Waqala ngo-2018 etshala amaklabishi kuphela. Namuhla usetshala namanye amaveji, okubalwa utamatisi no-green pepper. Uthi ngo-2010 uyise wathenga umhlaba emva kokuthatha umhlalaphansi. Uthi yena ngaleso sikhathi wayesebenza eyi-safety officer ne-administrator.

“Ngangiwuthanda umsebenzi wami kodwa ngangazi ukuthi kukhona isikhala esingakagcwaliseni ngoba ngangifuna ukwenza into yangempela. Ngangifuna ukubayingxenye yokuthile kokuhlinzeka abantu ngokudla,” kukhumbula yena.

U-green pepper weHlelakahle Projects

Uthi ngaphambi kokusebenza noyise ngokugcwele waqala wasebenza kwelinye ipulazi eMudeni, lapho afunda khona izinto eziningi njengokudayisa nokunye okuthinta ezolimo. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/25/umlimi-osemncane-ufisa-ukulima-kudlise-entsheni/

Ngonyaka owodwa uthi  wafunda ngokuzimisela wazi konke ayedinga ukukwazi. Waya kuyise ngo-2018, ephethe uR1 800 wase ethenga izithombo zeklabishi. 

Echaza ngegama lenkampani, uthi uNkulunkulu umhlelela indlela emsebenzini awenzayo futhi wayefuna igama elizomvuselela ithemba, limkhumbuze ukuthi akaluhambi yedwa lolu hambo.

Ispinashi esikhephuzelayo ngenye yamaveji iHlelakahle Projects eziqhayisa ngawo

Uthi impumelelo yakhe enkulu yenzeka ngo-2021 ngenkathi ethola usizo lwemali ewuR3.2 million kwi-Agri Business Development Agency. 

Uthi lolu sizo lwashintsha yonke into ngoba wathenga imipheme eyishumi, wamba ipitsi, wakha izindawo zokubeka izimpahla, wathenga nogandaganda.

“Loku kwesekwa kwangisiza ukuthi ngikhule ngokushesha ngoba ngasengikwazi ukukhiqiza amaveji amaningi,” kusho uNksz uMtshali.

Njengabonke osomabhizinisi abasafufusa, ukhale ngezinselelo kodwa wathi kuyasebenzeka. “Ngesinye isikhathi uma uqasha abantu, ikakhulu abantu besilisa, babanokukungabaza. Abakholelwa kuwena uwumuntu wesifazane. 

“Enye inselelo engibhekene nayo yimakethe okuyiyona enquma amanani omkhiqizo wethu. Ngesinye isikhathi uyalahlekelwa, kuya ngokuthi udayisani,” kusho uNksz uMtshali.

Uthi kuloku asedlule kukho, usekwazile ukuthi aqashe izisebenzi ezine ezisebenza ngokugcwele futhi uqashe abantu abamsiza ngezikhathi ezimatasa abacishe badlule ku-20.  

UNksz uMtshali usevulele abantu abasha amathuba emisebenzi ngenhloso yokunciphisa ukukhulelwa entsheni yangakubo. 

Ukhuthaza abantu abafisa ukungena kwezilimo ukuthi baqale kancane, kancane, babe nesibindi futhi babekezele. 

“Kholelwa kuwena, ayikho into engakuvimba ukuthi uqale. Noma kunzima, akumele ulilahle ithemba,”kusho yena.

Facebook: Aphiwe Ntombikayise Mtshali

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page