UNksz uYamkelani Menyo, umsunguli weYam Light Candles yaseMthatha, eMpumalanga Kapa, eyenza amakhandlela anuka kamnandi. Izithombe: Zithunyelwe

Owazifundisa usenza amakhandlela anephunga naletha ukuthula 

WUTHOBILE ZWANE 

UKUSEBENZELA umuntu owayenebhizinisi lokuhlobisa uma kunemicimbi kwamkhuthaza ukungena embonini yamakhandlela anuka kamnandi. Uthi uma uphela umcimbi wayecosha izinsalela zamakhandlela ayebona kulula ukuzenzela awakhe.

Umnikazi weYam Light Candles yaseQumbu, eMpumalanga Kapa, uNksz uYamkelani Menyo, oneminyaka ewu-24, uthi waqala ukwenza amakhandlela ngo-2022 kodwa ibhizinisi walibhalisa ngokusemthethweni ngo-2023.

Amanani amakhandlela aqala kuR95 kuya R750 kuya ngokuthi ufuna elinjani nelingakanani. 

“Ngaqala ukubanombono webhizinisi ngesikhathi ngenza unyaka wokugcina enyuvesi ngenza  i-Diploma in Management Studies eWalter Sisulu University,” kulanda yena. 

Uthi waqala wazama ukuzenzela amakhandlela kubo kanti ikhono lakhe lizothuthuka, waqhubeka ngokwengenza wenza amakhandlela anephunga elinuka kamnandi, wawenza asezingeni eliphezulu. 

“Ukwenza amakhandlela kuyangijabulisa nobuciko bokwenza umsebenzi wezandla. Ukwenza amakhandlela kungenza ngikwazi ukuveza ubuciko bami,” kusho uNksz uMenyo. 

Amanye amakhandlela eYam Light Candles

UNksz uMenyo uthi usedayisa imikhiqizo ehlukene okubalwa amakhandlela anephunga elimnandi, ama-diffuser, amakhandlela anomthunzi wezinkukhu, izinto zokunakekela isikhumba, konke okuhloswe okusiza amakhasimende aphumule, avuseleleke futhi acabange kahle. 

Uthi ibhizinisi lakhe linamakhasimende athembekile eMthatha, lapho ehlinzeka khona kakhulu ama-Airbnb, ama-B&B, amahhotela, izindawo zokuhlala, nabathengi abajwayelekile abangabodwana.

Uzibambela mathupha ibhizinisi isikhathi esiningi kodwa uthi unezisebenzi ezimbili eziyitoho azibiza uma umsebenzi umningi. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2021/04/29/ungenisile-ebhizinisini-angalifundelanga-wenza-ezibukwayo-ebhizinisi-lokwenza-amakhandlela-uxoxe-noslindile-khanyile/

Uthi ukusebenza kanzima kumsize ukuthi athole abaxhasi abanjengeSmall Enterprise Development and Finance Agency eyamsiza ngoR172 000 nohlelo i-Asset Assist, emsiza ngezinto zokupakisha izimpahla.

“Ngajabula kakhulu ngoba lokhu kwangisiza ukuthi ngikwazi ukukhulisa ibhizinisi lami okuzongiholela ekutheni ngakhe amathuba amaningi. Ngibonga bonke abaxhasi ngokusiseka njengosomabhizinisi abancane, ngibonga nokuthi bayakholelwa kubantu abasha ngokusinika amathuluzi esiwadingayo ukuthi siphumele.” 

Facebook: Yam- Light Candles

@menyoyamkelan

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page