I-Jobs Funds iyaqhubeka nomsebenzi wokuxhasa osomabhizinisi abasafufusa abaxazulula inkinga yamabhizinisi acekela phansi imvelo. Isithombe: Sithunyelwe

Luzosiza ukudala imisebenzi uhlelo lwesibili lweJobs Fund 

YINTATHELI YOMBELE

SEKUVULWE uhlelo lwesibili oluzoxhasa abantu abanamabhizinisi angacekeli imvelo phansi nadelelekile, okubalwa awabadayisi basemgwaqweni ngesikhwama iJobs Fund. 

I-Jobs Fund isanda kumemezela umzuliswano omusha wokuxhasa ngemali okuhloswe ngawo ukusiza abantu abanamabhizinisi axazulula izinkinga zemvelo nabadayisa emgwaqweni noma abasemkhakheni womnotho obizwa phecelezi nge-informal economy

Usizo lwemali lwangaphambilini  lukhiphe u-R7.4 billion, obukhishwa yiJobs Fund Partners, okuholele ekudaleni amathuba emisebenzi ewu-210,719, kwadaleka namathuba okuthwasela umsebenzi awu-114,534. Kuhlomule amabhizinisi amancane angaphezu kuka-63 000 nabalimi abasafufusa abawu-16 000.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/06/18/ukuntula-kwentsha-imisebenzi-yingozi-enyelelayo-kuloba-ubusi-mavuso/

Lolu hlelo lufika ngesikhathi lapho ukuntuleka komsebenzi, ikakhulu entsheni nakubantu besifazane, kuseyinselelo enkulu. Lesi khwama sihlose ukuseka amabhizinisi nezinhlelo ezidala umsebenzi, ikakhulu ezimbonini ezikwazi ukudala imisebenzi eyinqwaba . 

Imikhakha eqondiwe:

•  Imikhakha efukula umnotho ibe ingacekeli imvelo phansi (ugesi ovuselelekayo/ukusebenza kahle kukagesi, ezolimo ezingayilimazi imvelo, ezokuthutha/ezokuthutha ezingenawo amakhemikhali nesisis esilimaza imvelo, ukuphatha udoti/amanzi njll);

• Umnotho odelelekile (ukudayisa emgwaqweni, izitolo ezincane/ukukhiqiza, ukunakekela nomsebenzi wokulungisa, njll);

• Imali yesibonelelo: ilinganiselwa kuR5 million;

•  Usizo lwemali oluzofakwa ezinye izinhlaka: 1:1 embonini yangasese noma kahulumeni noma emabhizinisini angenzi nzuzo;

• Ukugxila kwezokusimama kwebhizinisi: Iziphakamiso kufanele zikhombise ukusimama ngokwezimali nokuthi ibhizinisi lizoqhubeka kanjani ukusebenza eminyakeni ezayo. 

I-Jobs Fund icela abantu ukuthi bafake izicelo zokuxhaswa. Abantu abafuna ukuxhaswa kufanele babenezisombululo ezingqinambeni ezidala ukusweleka kwemisebenzi, okubalwa kuzo ubuchwepheshe, ingqalasizinda, imithetho, ukufinyelela ezimakethe nokuxhaswa ngezimali nokulungisa izimo ezimbi abantu abasebenza ngaphansi kwazo. 

Izicelo eziyophumelela kufanele zibenezixazululo ezibonakalayo, ezisebenzisekayo ezinomphumela olinganisekayo ekudaleni amathuba emisebenzi.

Isicelo kufanele sigcwaliswe ngefomu lesicelo elitholakala-online. Ngeke zamukelwe izicelo ezifakwe emva kwesikhathi. Ukuvalwa kokufaka isicelo: ngomhlaka-5 wangoJuni ngo-3 ntambama.

Eminye imininingwane ngeJobs Fund nemibandela yokuxhaswa, izimpendulo zemibuzo evame ukubuzwa ne-link yofomu e-online, kungangenwa kuwww.jobsfund.org.za  noma uthinte: jobsfund@treasury.gov.za 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page