Abaholi bendabuko abenze kubelula kubantu ukulima – ungqongqoshe
YINTATHELI YOMBELE
UNGQONGQOSHE womNyango wezoLimo KwaZulu-Natali uNkk uThembeni kaMadlopha-Mthethwa unxuse abaholi bendabuko ukuthi benze kubelula ukufinyelela kumhlaba, ikakhulu intsha nabantu besifazane.
UNkk uKamadlopha-Mthethwa usho kanje eKwampotholo Community Hall KwaZondi, kuwodi 2 eNkandla.
Cishe amahektha awu-2.8 million omhlaba eKZN wenganyelwe yi-Ingonyama Trust, namakhosi aneqhaza elimqoka ekwabeni umhlaba nokukhipha izimvume zokuqashisa ukuze kulinywe, kwakhiwe izindlu, izinxanxathela zezitolo, izikole nezinye izindawo zomsebenzi.
“Ngokusebenzisana namakhosi ephethe futhi elawula umhlaba egameni labantu baseKZN, sibone kuvunywa izimvume zokuqasha umhlaba ukufukula umphakathi ngaphansi kwemikhandlu yamakhosi. Sizothumela ithimba lomnyango ukuhlola indawo ukuze isetshenziselwe imisebenzi yezolimo. Kukhona nesidingo esikhulu samathangi okudipha nemithi yokudipha, esizozama ukukuvuselela.
“Amakhosi acele uthango lwezindawo ezingamadlelo. Siyajabula ukuthi amakhosi asekhaleni lokuthuthukisa umphakathi nokusebenzisana nohulumeni,” kusho yena.
UNkk uMamadlopha-Mthethwa ubonge futhi wakhuthaza abaholi bendabuko ukuthi benze bahlinzeke umhlaba kubantu besifazane, intsha nabantu abakhubazekile.
“Umbiko weHuman Sciences Research Council (iHSRC) uveze ukuthi imiphakathi yasemakhaya eKZN, ikakhulu eKing Cetshwayo, eZululand naseMkhanyakude, ihlupheka kakhulu yize inodedangendlale womhlaba.
“Sikhuthaza amakhosi, njengoba kuphakamisa (iHSRC), ukuthi enze kubelula ukufinyelela emhlabeni kubantu besifazane, intsha nabanye abantu ababencishe amathuba ukuze balime, benze kutholakale ukudla. Siyakhuthazeka ngobukhona babaholi bendabuko abasukumela ukuthuthukisa umphakathi.”
“Ibambabukhosi bakwaZondi uNks uPhilisiwe Zondi lithe: “Sihlinzeka umhlaba kubantu bakithi . Singabantu besifazane sijwayele ukusebenza umhlaba kanti siyabonga usizo lomNyango weZolimo nokuThuthukisa iziNdawo eziseMakhaya. “