‘Ungayibhubhudli imali, cabangela ikusasa’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO NEMALI sikuphathele umlingisi wemidlalo yethelevishini uFanele Ntuli owaziwa ngelikaNomaswazi Magwaza kuZalo. Uselingise kwi-Durban Gen, Isibaya ne-Ifalakhe

WUTHOBILE ZWANE

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Lapho nalaphaya. Umama wayenza isiqiniseko skokuthi ngibanomphako engizowuphatha esikoleni. Wayegrosa, kuthi uma nginenhlanhla ngiyithole imali ngaleso sikhathi. 

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi? 

Ngayivulelwa wumama ngisafunda amabanga aphansi. Ngayivulelwa eNedbank kodwa ngangingakwazi ukuyisebenzisa kwazise yayithintwa wuyena kuphela. 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Umama wayegcizelela ukuthi uma ungakwazi ukuthenga into ngokheshi, kusho ukuthi ngeke ukwazi ukuyikhokhela. Namanje (ngisalandela) loko. Kuze kubemanje anginawo ama-akhawunti ezitolo. Kungcono ukuthi ubeke imali ukuthi uthenge into kunokuthi uzifake esikweletini esizoloku sidonsa njalo ngenyanga.

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngangiyinxusa leCapitec ngihola uR4 500. Ngicabanga ukuthi ngangineminyaka ewu-19 noma ewu-20 ngaleso sikhathi. Umholo wami wokuqala umama wasifundisa ukuthi u-50% uyawonga, uhambe uyonikela esontweni ubonge ukuthola umsebenzi. Ngaleso sikhathi izindleko zami kwakuwukugibela kuphela.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/03/14/yibanebhizinisi-eceleni-ungagcini-usukhwahla-abantu/
Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngenza umsebenzi wokubonga ngibonga umsebenzi, ukubonga ukuthi izifiso enganginazo yizona esezingivulela amathuba sengikwazi ukulekelela uma kushoniwe noma kunomcimbi ekhaya. 

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Alikho. 

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Hawu ngeke!, ngemali kabani? Kodwa-ke nginamalungu omndeni aseke agileka. Mina ngiyibona isekude into uma iyibhanoyi.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Yisebenzise uzibonge ngoba phela uyayisebenzela futhi uma usebenza ubonge ngemali yakho futhi uzibonge ngokucabangela ikusasa lakho ngokongela ikusasa lakho. Ungayibhubhudli yonke kodwa ucabangele ikusasa lakho.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Ngingathenga umhlaba, ngitshale ngoba ngiyazithanda ezolimo nokufuya izinkomo ngingakhula kuloko.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Siyabanamathuba yebo, sikhona isikhathi lapho obona ukuthi usafufusa ukhokha izimfanelo zakho, kodwa kukhona lapho khona uNkulunkulu akubusisa khona ngemali engena khona njalo. Thembeka-ke lapho futhi uqonde ukuthi thina singabantu abangayitholi imihlomulo emsebenzini. Kufanele uzenzele loko. Uma kufanele ubekele isikhwama somhlalaphansi kufanele ugxile (kulezo) zinto ezifana nezinhlelo zokonga, ikakhulu uma unemisebenzi oyitholayo eceleni, ungagcini usufaka isicelo (ebhange) ngoba usuxakekile usucela ukusizwa ngemali. Lo mkhakha unayo imali kodwa kuyabanezikhathi lapho kuthuleka khona kodwa uyakwazi uzihlelelela lezo zikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page