Kufunwa abatshalimali abazovusa imboni yamathayi eGqeberha 

NJENGOBA ivala ifemu yamathayi iGoodyear eseKariega, eGqeberha, unobhala-jikelele weNational Union of Metalworkers of South Africa (iNumsa) uMnu u-Irvin Jim uthi bafuna abatshalimali abazoyithenga. 

I-Transnet Port Terminals inika intsha ithuba emnothweni

UKUKHOMBISA ukuthi ibalulekile intsha emnothweni, iTransnet Port Terminals (iTPT) ithi ibeke u6% wemali ozoyisebenzisa ukuthenga izimpahla nezinye izidingo emabhizinisini entsha. Itshale uR62 million ezinhlelweni zokucija amakhono ezisebenzi eziyintsha. 

Sinyuke ngo-12 000 isibalo sabantu abasebenzayo – iStats SA

Nakuba kudilizwe izisebenzi eziwu-91 000 ngekota yokugcina yonyaka odlule kodwa kunokuhleka okuncane njengoba izibalo ezintsha zikhombisa ukuthi sandile isibalo sabantu abasebenzayo ezweni. Isithombe: Sithunyelwe

Ayisukunyelwe eyefemu yokusansimbi – ungqongqoshe 

SEKUNXUSWE uNgqongqoshe wokuHweba, iziMboni nokuNcintisana uMnu uParks Tau ukuthi aphinde axoxisane ne-Arcelor Mittal South Africa ukugwema ukuvalwa kwamafemu ayo amabili ezweni, nokuzosho ukuthi abantu abawu-3 500 bazophelelwa ngumsebenzi.

Izinyunyana zithi yimbudane ukuthi kunezingxoxo eziqhubekayo phakathi kwazo nohulumeni mayelana nokungayinyusi imiholo yezisebenzi zikahulumeni. USLINDILE KHANYILE uyabika

AZIKHO izingxoxo eziqhubekayo phakathi kukahulumeni nezinyunyana mayelana nokumisa ukunyusa imiholo yezisebenzi zikahulumeni futhi ngeke zibe khona uhulumeni engakasifezi sonke isivumelwano sokunyuswa kwemiholo esasayinwa ngo-2018.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page