Umasipala ubambisene namabhizinisi ukukhuculula inkaba yedolobha
YINTATHELI YOMBELE
KUNGASE kubewumlando ukuthi kwake kwaba nemihambima ecanasa enkabeni yedolobha eThekwini njengoba umasipala usebenzisana nosomabhizinisi ukukhuculula leli dolobha.
Ngokusho kukasomlomo kaMasipala waseThekwini uMnu uThabani Nyawose kunohlelo lokwakha isikhawo esizolalisa ondingasithebeni awu-400 eLovu, eningizimu yedolobha, esizobiza uR3 million.
Lesi sakhiwo sizosiza amaphara ukuthi ayeke ukubhema izidakamizwa, anikwe namakhono azowalekelela ukuthola umsebenzi noma akwazi ukuziphilisa uma eseyekiswe izidakamizwa.
“UMasipala waseThekwini usebenzisana nosomabhizinisi nezinhlangano ezisiza umphakathi ukuqinisekisa ukuthi abantu abahlala emgwaqweni bayasuswa enkabeni yedolobha. Akusikona ukuthi siyabasusa siyobalahla kodwa sizobe sibasiza ukuyeka izidakamizwa. Sifuna babuye bengabantu abaphile kahle abazokwazi ukubuyela emphakathini,” kusho uNyawose.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/04/04/umasipala-wasethekwini-uxwayisa-ngabahlolimbumbulu/
Uthe kumanje kunezingxoxo eziqhubekayo emkhandlwini ngokuthi ondingasithebeni kufanele bathathwe njengabantu abangenamakhaya ngempela yini, kwazise abanye banamakhaya. Abanye bagcina sebehlala emgwaqweni ngenxa yokuthi bafuna ukuziphatha kodwa abanye basuke bengasenabani.
“Akekho umuntu esimlahlayo kodwa sifuna ukulungisa izingane zethu lezi esezibizwa ngamaphara. Izinhlelo zethu zokuzisusa enkabeni yedolobha zizokwehlisa ubugebengu futhi zisize lezi zingane ukuthi ziyeke izidakamizwa. Wonke umuntu uneqhaza okufanele alibambe ekulweni nezidakamizwa,” kusho yena.
UNyawose uthe ubudlelwano babo nosomabhizinisi nezinhlangano ezisiza umphakathi buhle kakhulu njengoba zonke lezi zinhlaka zibambisene ukulweni nobugebengu, ukukhuculula idolobha nasekuletheni impilo engcono kubantu.
Mayelana nokuthi bazosenza kanjani isiqiniseko sokuthi imihambima ayibuyeli enkabeni yedolobha, uthe ngeke baphele mandla bazoqinisa umthetho bebebeyisiza ukuyeka izidakamizwa.
Ucele abantu ukuthi babheke umehluko osuwenziwe wumasipala e-Albert Park njengoba beyikhuculula futhi besusa ondingasithebeni khona.
Uthembise ukuthi bazolandela yonke imithetho eyenzelwe ondingasithebeni kodwa okukhulu kunako konke wukuthi bazosiza abadla izidakamizwa ukuziyeka ukuze babuyela emphakathini.

