Bavela ngetshe lendawo nezandla zabo
WUTHOBILE ZWANE
UKUFUNDELA umsebenzi wezandla emabangeni aphezulu kwakhuthaza abasunguli abane baKwaZulu-Natali, ukuqala umfelandawonye abazoziphilisa kunokuhlala ekhaya bengenzi lutho.
Omunye wabasunguli beSavelanathi Co-operative yasoPhongolo, enyakatho yeKZN uMnu uBonginkosi Ntshangase, oneminyaka ewu-49, uthi umfelandawonye bawuqala ngo-2016.
Uthi ebhizinisini labo basebenzisa i-soapstone, umndu, itshe elikhethekile elitholakala endaweni. Bayabaza, benze imikhiqizo ehlukile okubalwa kuyo ama-table top, ama-stone vase, ama-tiles aphansi nawodonga nokunye. Imikhiqizo yabo iqala kuR100 kuye phezulu.
Echaza igama le bhizinisi, uthi baliqamba ngoba befuna ukuveza le litshe nomsebenzi walo.
“Igama lavela ngesikhathi sizama ukubheka phambili ukuthi ngoba nathi sivela, naku okungamakhono ethu ukuthi sizame ukuya phambili, ngoba ukucela ungiphathele utho kuyinkinga. Savela nathi ngoba sikholwa wukuthi lizobuyisa ithemba emphakathini wethu siye phambili,” kuchaza yena.
“Thina into eyasigqugquzela ukuthanda ubuciko wukuthi sifunde esikoleni okwakukhona kuso izifundo zobuciko nomsebenzi wezandla ohlukene,” kusho uNtshangase.
Uthi umqondo wafika ngoba bebona ukuthi abenzi lutho emini abaqale umsebenzi bayozama ngezinga elithe thuthu ngoba sebekhulile.

Enye yezinselelo ababhekene nayo wukuswela izinsizakusebenza, njengoba ethi abanayo imali eyenele.
Into ehlukile ngebhizinisi labo wukuthi akulona ibhizinisi lomsebenzi wobuciko elijwayelekile.
“Esikhathini esiningi siyabadayisela abantu endaweni kodwa abantu bagcina sebethi senziwa yini ukuthi singabadayiseli abelungu kanti nathi singabantu sesiyakwazi ukubanezinto ezinhle futhi zithuthukise nomphakathi ukuze (intsha) iingagcini ngathi kodwa iqhubeke noma sesingekho.”
Uthi amakhasimende abo ngabantu abasemphakathini nezivakashi, okuyizona abafisa zibabaseke kakhulu ngoba benza ubuciko bendawo ngoba kusho umlando ngendawo. Mlalele echaza.
Uthi okwamanje bebengakabinezisebenzi abaziqashile kodwa kusasebenza abangabasunguli bebhizinisi.
Ukhuthaza intsha ukuthi izethembe futhi izame into eyicabangayo, kunokukhalela ukuthi awekho amathuba omsebenzi.
Isifiso sabo wukubanesikhungo sokufundisa abantu ukwenza lo msebenzi wobuciko bezandla ongandile.
Facebook: Phongola Soapstone_Itshe Lembiza