UMnu uMuzi Xaba, umsunguli weThunaPoint, inkampani esungule i-app yokubheka amathuna abantu yaseThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Baqhamuke nobuchwepheshe bokuthola amathuna alahlekile

WUBONISWA MOHALE l boniswam@likhanyiletm.co.za

UKUDUKELWA yithuna likagogo wakhe ngesikhathi ethi uyolihlanza kwamnika umqondo webhizinisi uMnu uMuzi Xaba waseMlaza, eThekwini, KwaZulu-Natali.

UXaba, oneminyaka ewu-37, uthi ngonyaka odlule yena, unina nobabekazi wakhe babeyohlanza ithuna likagogo wakhe kodwa babanenkinga yokuthi alisabonakali.

Uthi ngisho abantu abasebenza emathuneni babengakwazi ukuqinisekisa ukuthi ithuna likuphi, yize imininingwane yayikhona emabhukwini amathuna. Uthi abantu bakwazi ukubhalisa kumakhompyutha, kumaselula nge-app ye-Android ne-IOS.

“Ithuna likagogo lalingenalo itshe, loku kwenza saba nezingqinamba zokulikhomba. Kulapho ngafikelwa khona wumqondo wokuthi bangaki abantu ababhekene nale nkinga ngoba uma singcwaba asivamisile ukufaka netshe ngalolo suku. Imvula yehlisa inhlabathi ithuna ligcine selingasagqamile. Ngibe sengisebenzisa imininingwane yasemathuneni etholakayo nasemabhukwini uma kuwukuthi irisidi alisabonakali kahle,” kusho yena.

Uthe iThunaPoint ikhomba ngqo lapho kungcwatshwe umuntu khona isebenzisa imininingwane kamasipala noma yamathuna azimele. Iyakwazi ukutholakala emphakathini nabanikazi bamathuna azimele nakahulumeni.

IThunaPoint isebenza ngokuthi umuntu afake imininingwane yethuna ukuze imkhombise lapho likhona

“IThunaPoint siyivule ngokusemthethweni ngoMeyi wonyaka odlule. Sifuna ukusiza abantu ukuthi bakwazi ukubona lapho kungcwatshwe izihlobo zabo khona. Siyazi ukuthi amathuna abalulekile kubantu, ngakho le app iyabasiza ukwazi lapho kulele khona amathambo abo. Kubanzima ukuthola ithuna uma sekudlule isikhathi eside ngoba umuntu ungcwatshwa endaweni engangesicabha kodwa uma wazi kahle lapho engcwatshwe khona kubalula ukulithola,” kusho yena.

Le nsizwa ineziqu i-BCom in Marketing yase-University of Witwatersrand ne-Systems Development yase-Explore AI Academy, isikole esigxile ezifundweni zobuchwepheshe. Ithi lezi ziqu ziyisiza kakhulu ebhizinisini ngoba iwumuntu obuthandayo ubuchwepheshe kodwa kufanele futhi ilikhangise. 

Okwamanje iThunaPoint inezisebenzi ezintathu kanti kuye kuqashwe ezinye eziyitoho uma kunomsebenzi omningi. 

Isifiso sikaXaba wukubona iThunaPoint ikhula ikwazi ukusiza bonke abantu baseNingizimu Afrika nakwamanye amazwe ase-Afrika ukuze bakwazi ukuthola amathuna ezihlobo.

Kubantu abafisa ukungena ebhizinisini, uXaba uthi kufanele baqale ngabanako. Bangaqala ngisho besasebenza, bangaze balinde ukuthi bazoshiya umsebenzi. 

“Ibhizinisi lidinga ulwazi nemali. Ungaliqala ngisho usasebenza. Kubalulekile nokuthi uzihlanganise nabanye osomabhizinisi ukuze bakucije ngamasu abasizayo ukuze baphumelele, usebenzise nobuchwephese ukuze bukusize,” kucebisa uXaba.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page