Usomlomo kaMasipala waseThekwini uMnu uThabani Nyawose uthi kunezinhlelo zokuqinisekisa ukuthi bonke abantu bathola amanzi ahlanzekile. Isithombe: Sithunyelwe

UMasipala waseThekwini awusongile izandla ngezinkinga zamanzi

YINTATHELI YOMBELE

KUBANTU abaningi abahlushwa wukuphela kwamanzi eThekwini kubukeka sengathi akukho okwenziwayo ukuxazulula le nkinga kodwa uSomlomo kaMasipala waseThekwini uMnu uThabani Nyawose uthi ziningi izinhlelo abeza nazo zokuqinisekisa ukuthi abantu bathola amanzi ahlanzekile.

UNyawose uthe banohlelo lokulungisa ipayipi eliwu-24km lamanzi eliseShallcross ngoR1.2 billion. Leli payipi uthi lizosiza imiphakathi eseningizimu yaseThekwini ukuthi ibenamanzi ngaso sonke isikhathi.

“Siyazi ukuthi abantu baseThekwini banenkinga yamanzi, ngakho sesiziqalile izinhlelo zokulungisa ingqalasizinda futhi ezizokwenza wonke umuntu abenamanzi anele. Sinezinselelo zengqalasizinda endala nezokwanda kwabantu abadinga amanzi. Siqale uhlelo lokulungisa ipayipi elikhulu eliwu-24km eliphakela imiphakathi eseningizimu yaseThekwini amanzi. Lolu hlelo luqale ngoMashi, silindelele ukuthi luphele ngo-2027,” kusho usomlomo.

UNyawose uthe leli payipi lizonika amanzi abantu baseMlaza, abaseFolweni nezinye izindawo eziseningizimu yaseThekwini.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/11/11/umasipala-uthule-amapitsi-ezindaweni-ezinenkinga-yamanzi/


Mayelana nenkinga yokuphela kwamanzi eChatsworth, eShallcross, eSavannah Park nezinye izindawo ezingomakhelwane, uNyawose uthe kukekwavalwa ipayipi lamanzi eliphakela lezi zindawo njengoba kuqhubeka umsebenzi wokwakha umgwaqwo uN3.

Uthe selivuliwe leli payipi, okusho ukuthi amanzi asezotholakala ngendlela ejwayelekile. Entshonalanga yaseThekwini kunohlelo lukaR78 million lokwakha indawo yokukhuculula amanzi. Lona luzosiza abantu baKwaXimba namaphethelo ngamanzi.

Enyakatho yaseThekwini kunohlelo lukaR56m lokulungisa ingqalasizinda yamanzi olusiza abantu baseNtuzuma nezinye izindawo ukuthi babenamanzi anele.

“Ngiyazi ukuthi abantu bafuna amanzi manje futhi uma ephelile kuba sengathi umasipala awenzi lutho. Ngiyabathembisa ukuthi asisongile izandla kodwa mningi umsebenzi esiwenzayo ozoqinisekisa ukuthi banamanzi ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.

UNyawose uthembise abantu ukuthi bazojezisa izisebenzi zikaMasipala waseThekwini ezingaziphethe kahle nabantu abahluleka ukuhambisa izidingo kubantu. 

Unxuse umphakathi ukuthi uhambele izithangami zokuphawula ngesabelomali sikamasipala ukuze ubenezwi ezinhlelweni zentuthuko emawadini ahlukene.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page