Wabona imali ekungcoleni ohlanza imigqomo
WUTHOBILE ZWANE
INTOKAZI yasePitoli ukuphanta okuyimpilo yansuku zonke yabona ithuba ebunzimeni bokubhuquza ekhaya ingawutholi umsebenzi.
Ngemva kokujika nelanga iminyaka eyisithupha, uNksz uRefentse Sekgaobela, waseMamelodi, ePitoli, eGauteng, wasungula iSuper Clean Wheelie, ehlanza imigqomo kadoti. Uthi inkampani wayiqala ngoR700.
Imigqomo bahlanzela imizi, izikole, amabhizinisi amancane namaflethi. UwuR50 umgqomo umunye.
UNksz uSekgaobela, oneminyaka ewu-29, uthi wasungula ibhizinisi ngo-2020, ngenkathi kubheduke i-Covid-19, lapho ayejika nelanga mihla namalanga, wafikelwa wumbono webhizinisi elizomphilisa.
“Wonke umuntu wayevaleleke endlini kodwa akekho owayecabanga ngokuhlanzeka kwemigqomo esiphonsa imfucuza yethu kuyona. Nganginezikweletu eziningi kanti amathuba omsebenzi ayengekho. Ngabuka emphakathini ukuthi yini engingayenza ukwenza imali, ngabona ithuba ngenkathi ngibona imigqomo engcolile futhi enukayo,” kukhumbula yena.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/23/ukungagculiseki-ngomsebenzi-enzelwa-wona-ekade-ehambise-imoto-yakhe-kwamnika-umqondo-webhizinisi-eselikhula-ngamandla-uxoxe-nozimbili-vilakazi-ngomahambanendlwana/
Uthi wazidela amathambo waqala kancane ngokuhlanza imigqomo yakubo eMoreleta Park. Waqaphela ukuthi uma kungekho muntu owayehlanza imigqomo njengomsebenzi wobungcweti, kusho ukuthi kuzoba wuyena oqhamuka nale ndlela.

Ngaphandle kwesifiso ayenaso nokuzimisela, uNksz uSekgaobela uthi wacela umngani wakhe ukuthi asize ukumenzela amapheshana okukhangisa ibhizinisi lakhe.
Ngo-Okthoba ku-2020, uthi waqala ibhizinisi lakhe ngamakhasimende amahlanu kuphela. Waqala nge-pressure pump, insipho, upholishi, waqala wasiza ngendlela ezihlukile okubalwa ukuhlanza, ukubulala amagciwane nokupholisha imigqomo ukuqeda amagciwane, iphunga elibi nokungcola.
Namuhla, uthi uyaziqhenya ngokusebenzisana namakhasimende afika njalo awu-20, ngosizo lwethimba lakhe elincane kodwa elizinikele lezisebenzi ezintathu.

Nakuba imishini yokuwasha ingenele kodwa eSuper Clean Wheelie basebenza kanzima ukunakekela amakhasimende abo.
“Ngisebenzisa i-pressure pump eyodwa kodwa njengoba isibalo samakhasimende sikhula, kubanzima ukwenza umsebenzi kahle. Into yokuthutha iyinselelo enkulu kanti ngifisa ukuthola usizo lwemali,” kusho yena.
Unesifiso esikhulu ngeSuper Clean Wheelie. “Ngifuna ukwandisa ukusizakala ngokuhlanza ngokugcwele amahhovisi, izindlu, osofa nokunye. Ngifuna ukuthatha leli bhizinisi liye ngaphandle keGauteng, liye eLimpopo, eNorthern Cape, KwaZulu-Natali, ngisho nangaphandle kwaseNingizimu Afrika,” kuphetha uNksz uSekgaobela.
Facebook: Super Clean Wheelie