Kuhlongozwa isibonelelo sokusiza abantu ngemisebenzi
WUSLINDILE KHANYILE
UHULUMENI ubuyekeza ukuthi ungasisebenzisa kanjani isibonelelo esathulwa ngesikhathi se-Covid-19 ukulekelela ukuvula amathuba omsebenzi.
Lesi ngesinye sezimemezelo ezenziwe wungqongqoshe womNyango weziMali uMnu u-Enoch Godongwana ngesikhathi ethula iSabelomali sango-2025/26 ngomhlaka-21 wangoMeyi.
Lesi sibonelelo, phecelezi i-Social Relief of Distress Grant esesimi ku-R370 ngenyanga, kulindelwe ukuthi sikhokhwe kuze kubesekupheleni kwangoMashi ngonyaka ozayo kanti sabelwe uR35.1 billion kulo nyaka wezimali, nokho ayikho ehlinzekelwe emva kokuphela kwalo nyaka wezimali.
“Uhulumeni ubheka izindlela ezihlukene zokwenza lesi sibonelelo zihambisane namathuba omsebenzi. Loku kufaka ukubheka isibonelelo sokusiza abantu abafuna umsebenzi nezinye izindlela, okuwumsebenzi ohambisana nokubuyekeza izinhlelo zokuqasha abantu.
“Inhloso yethu akukona ukusiza abantu okwesikhashana kuphela, kuwukuvula imisebenzi, ukufukula izakhamuzi ukuze zizakhele ikusasa eliqhakazile zona nemindeni yazo,” kusho ungqongqoshe.
Isibalo sabantu abangasebenzi eNingizimu Afrika sinyukile ngekota yokuqala yango-2025. Izibalo ezisanda kukhishwa yiStatistics South Africa ziveze ukuthi isibalo sabantu abasebenzayo eNingizimu Afrika sehle ngo-291 000, njengoba manje abantu abaqashiwe sebewu-16.8 million, besuka ku-17.1m ngekota yesine ka-2024. Isibalo sabangasebenzi sinyuke ngo-237 000 njengoba sebewu-8.2 m abaswele umsebenzi.
Loku kunyuse izinga labantu abangasebenzi ngo-1.0% lafinyelela ku-32.9% lisuka ku-31.9%.
Usomnotho ozimele uMnu uDuma Gqubule uthe lesi sibonelelo asihlangani nendaba yemisebenzi. Uthe uhulumeni kufanele uqale ngokuthula isibonelelo esizokwenza wonke umuntu akwazi ukuthola izidingongqangi.
“Awukwazi ukukhuluma ngokusiza abantu ngemisebenzi ekubeni imisebenzi ingekho. Sibonile kwenzekeni eminyakeni ewu-16 edlule imisebenzi iphela. Kufanele sihlanganise izinhlelo ezikhona zokuqasha abantu manje, ngithi zintathu uma ngingaphosisi, kubeyiyonandlela esiqinisekisa ngayo abantu imisebenzi,” kusho yena.

Kukhona nezinye izinhlelo ezithinta imisebenzi ezimenyezelwe kwiSabelomali njengoba umGcinimafa ethe uzokwabela lezi zinhlelo uR4.5bn ngo-2025/26 kodwa awabanga mali eminyakeni emibili ezayo, wathi uzokwenza loku emva kokubuyekeza izinhlelo ezivele zikhona.
Umqondisi-jikelele emNyangweni weziMali uDkt uDuncan Pieterse uthe basazoqhubeka bahlinzeke izinhlelo zokuqasha abantu ngoR4.5bn ngo-2025/26 kodwa imali abebeyibekele iminyaka emibili ezayo emva kwaloku bayihoxisile kuzekuphothulwe umsebenzi owenziwayo ukubuyekeza lezi zinhlelo.
UmGcinimafa ubhekisisa yonke into nje, unezinselelo zomnotho ongakhuli, isikweletu sezwe esilokhu sikhuphukile nokuthi imali engeniswa wuhulumeni ingaphansi kweyezindleko onazo.
Izindleko zikahulumeni zizoncishiswa ngo-R69.4 billion eminyakeni emithathu yezimali.
Lo myango uthe umnotho usuzokhula ngo-1.4% ngo-2025/26, kube ngu-1.6% ngo-2026/27 ngaphambi kokufinyelela ku-1.8% ngo-2027/28. NgoMashi, umnotho kwakulindeleke ukuthi ukhuphuke ngo-1.9% kule minyaka emithathu ezayo. Isikweletu sekulindeleke ukuthi sikhule sisuka ku-R5.69trn ngo-2024/25 sifinyelele ku-R6.82trn ngo-2027/28.
Okunye okuhambisana nokuqikelela ukuthi abantu abaqashiwe ngabafanele wuhlelo lokubheka ukuthi zingakanani izisebenzi zikahulumeni eziyizipoki. Lo msebenzi uyingxenye yomsebenzi owenziwa ngumGcinimafa ukubheka ukubheka izindawo lapho imali okungenzeka ukuthi imosheka khona endleleni esetshenziswa ngayo.
Lo mnyango uthe kusukela ngo-2013 usubuyekeze izinhlelo okwakusetshenziswe kuzo u-R312bn kanti cishe uzokwazi ukonga u-R37.5bn ngenxa yalokhu.
Lokhu kuzohambisana nokubuyekeza nanendlela okuhlanganiswa ngayo iSabelomali ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi izinhlelo zikahulumeni ezingatheli izithelo ziyavalwa.