UNksz uLinda Zulu, umnikazi weNondaza Hair Products yaKwaMashu, eThekwini, KwaZulu-Natali, eyenza imikhiqizo yokunakekela izinwele. Izithombe: Zithunyelwe

Wenza imikhiqizo yezinwele enomkhuba phakathi

WUTHOBILE ZWANE

UKUNGAYITHOLI imikhiqizo ezwana nokunakelela izinwele zayo zemvelo  kwagqugquzela intokazi yaKwaZulu-Natali  ukuzithakela eyayo.

Umnikazi weNondaza Hair Products uNksz uLinda Zulu, oneminyaka ewu-28, wakwaD, KwaMashu, eThekwini, uthi wasungula ibhizinisi ukusiza abantu ukunakekela izinwele zabo zemvelo nokuzigqaja ngazo.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2020/11/19/bayanda-abesifazane-abenza-imikhiqizo-yokunakekela-izinwele-zemvelo-zabantu-abamnyama-kanti-ukuvalwa-kwezwe-kuvulele-kwandisela-abanye-amathuba-unokwanda-ncwane-uyabika/

Le ntokazi enoN5 kwi-Marketing Management waseThekwini College, ithi ibhizinisi iliqale ngonyaka odlule emva kweminyaka eminingi ihlushwa wukuthi izinwele zayo azizwani nemikhiqizo enamakhemikhali. Loku kwayenza yafuna ulwazi ngokunakekela izinwele zemvelo.

 “Ngathola nokuthi angingedwa onale nkinga, baningi abantu besifazane abadinga usizo lwami, ngaqala inkampani yemikhiqizo yezinwele engenamakhemikhali alimaza isikhumba,” kusho yena.

 Imikhiqizo yakhe idayiswa ngama-combo. Iqala kuR180 i-shampoo ne-moisturizer, enye okuyi-shampoo, i-moisturizer ne-serum ibewuR250

Eminye yemikhiqizo yeNondaza Hair Products

“Le mikhiqizo yenziwe ngamalahle, okwenza kuthi izinwele zomuntu zihlale zizinhle futhi zingaqothuki ngisho nasebusika. Imikhiqizo yami isiza kakhulu kubantu abaqothukelwa izinwele. Uma kuwukuthi izinwele zakho ziqinile, ziyathamba, isiza uma unesikhumba esomile nesilimalayo ibuyisa izinwele, ikunike ukuzethemba futhi uzigqaje nawe ngezinwele zakho,” kusho uNksz uZulu.

Uthi izinselelo abhekana nazo ebhizinisini wukuthi ibhizinisi laziwe, kwazise maningi amanye amabhizinisi enza imikhiqizo yenzinwele zemvelo. Uthi kusenzima ukuthi akhe ubudlelwano namakhasimende kodwa loko kumfundisa ukubhukula ukulikhulisa.

“Amakhasimende ami amaningi abantu abathanda izinwele zabo zihlale zihlanzekile, zizinhle ngaso sonke isikhathi. Sikhiqizela zonke izinwele, akukhathalekile ukuthi isetshenziswa (ngabantu) besifazane, abesilisa (noma) izingane. Imikhiqizo yethu ilungele umndeni wonke,” kusho uNksz uZulu.

“Okwamanje bengisasebenza ngedwa kodwa ngizimisele ukuqasha abantu uma ngokuhamba kwesikhathi,” kusho yena.

Eluleka abafisa ukuqala ibhizinisi, uthi kuhle ukuthi uqale manje, asikho isidingo sokuthi uqale ngoba usunayo yonke into. Uthi okunye nokunye kuyokufica ngendlela.

UNksz uZulu ufisa ukubanendawo yokukhiqiza enkulu nokuthi imikhiqizo yakhe itholakale kuzo zonke izindawo eNingizimu Afrika. 

Facebook: Lindy Zulu 

Instagram:@lindyzulu90

Tiktok: @lindamagebazulu

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page