Kuyaqhubeka ukwakhiwa kwesikhungo iBlue Lagoon Traders Facility, okulindeleke ukuthi kuphothulwe ngoJuni. Lesi sikhungo sizosiza ukufukula umkhakha wabahwebi. Isithombe: wuSaneli Mthalane

Isikhungo esisha sabahwebi eBlue Lagoon

WUNONDUDUZO NGCONGO 

UMSEBENZI wokwakha isikhungo sabahwebi iBlue Lagoon Traders Facility uyaqhubeka. Inhloso yalolu hlelo wukuhlinzeka abahwebi bendawo ngendawo yokusebenza ehlanzekile, ehlelekile, nelungele amakhasimende. 

Lesi sikhungo siku-30 ​​Road Stiebel, ngaphesheya kweGreen Corridor eDurban Beachfront Promenade.

Lesi sikhungo esibiza uR12 million kulindeleke ukuthi siphothulwe ngoJuni. Uma sesiphothuliwe, sizohlinzeka ngezindawo zokuhweba zabathengisi bendawo abawu-35 abadayisa izimpahla ezihlukene. 

Lolu hlelo lubaluleke kakhulu njengoba izakhiwo zokuhweba ezikhona njengamanje kule ndawo ziyagxekwa ngenxa yokungabisezingeni elifanele, okunomphumela endleleni le ndawo ebukeka ngayo. Lesi sikhungo esisha sizokwenza le ndawo ibukeke futhi isebenze kangcono, okuzothuthukisa indlela izivakashi ezithokozela le ndawo ngayo nezithola ngayo imikhiqizo yasekhaya.

Phakathi kwezinhlobo zezinsiza ezizotholakala kulesi sikhungo saseBlue Lagoon kubalwa izindawo zokudayisela ezinosinki, izicabha zohlobo lwe-hedge roller door, onogada abasebenza ubusuku nemini nabantu abazohlanza le ndawo ukuze igcinwe ihlanzekile.

Usihlalo weKomiti lezokuThuthukisa umNotho nokuHlela uMnu uThembo Ntuli uthe: “Lena ngenye yezinhlelo eziningi uMasipala waseThekwini oxhasa ngazo umkhakha wabahwebi. Siyaliqonda iqhaza elibalulekile elibanjwe yilo mkhakha ekukhuleni komnotho, ekwakhiweni kwamathuba omsebenzi nasekusizeni imiphakathi ikwazi ukusukuma izithathe.”

UNtuli uthe umasipala uyaqhubeka nokubambisana nezinhlaka ezihlukene ukubhekana nezinkinga ezifana nokutholakala kwezimali, ubuchwepheshe nosizo lokuthuthukisa amabhizinisi. 

“Njengoba belinganiselwa ku-55 000 abahwebi abasebenzela eThekwini lonkana, umkhakha wabahwebi unomthelela omkhulu emnothweni waseThekwini njengoba uhlinzeka abantu ngendlela yokuziphilisa, uthuthukise namabhizinisi endawo.”

Ngaphezu kohlelo lwaseBlue Lagoon, umasipala uyaqhubeka nezinye izinhlelo ezithlukene okuhloswe ngazo ukuthuthukisa isimo abahwebi basemgwaqweni abasebenzela kusona.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page