Umnikazi weBashazela ehlanza amateku nezingubo uNksz uQhubo Ngema waseNtuzuma, eThekwini, KwaZulu-Natali. Izithombe: Zithunyelwe

Uyisixazululo kwabanqena ukuwasha izingubo namateku

WUTHOBILE ZWANE 

INTOKAZI esencane yaseNtuzuma, eThekwini, ithole isixazululo sokuxakeka kwayo ngesikhathi isungula ibhizinisi eliyisixazululo kubantu abafisa ukuwashelwa izingubu namateku.  

Umnikazi weBashazela uNksz uQhubo Ngema unebhizinisi lokuhlanza, okubalwa izingubo zokugqoka, amateku, omata nezinto zosofa.

Le ntokazi, eneminyaka ewu-27, ithi ibhizinisi yaliqala ngoSepthemba wango-2021 ngesikhathi isebumnyameni empilweni yayo ngokwezimali futhi isazifuna ukuthi iyiphi indlela okufanele iyithathe.  

“Kwathi kuwusuku nje olujwayelekile nganginamateku angcolile i-All Star, ngangifuna ukuthola umuntu ukuthi angihlanzele wona kodwa ngangathola muntu ngoba ngihlala elokishini. Ngakhumbula ukuthi kunabantu abahlanza amateku edolobheni kodwa mina ngoba ngingomunye wabantu abakunqenayo ukuya edolobheni futhi kungangibiza kakhulu ukuya khona futhi ugcina ukuthenga nezinto ezingenasidingo,  ngacabanga ukuthi njengoba nginale nkinga kusho ukuthi baningi abantu abanenkinga efana neyami elokishini, ngaqala kanjalo,” kukhumbula yena. 

Echaza igama le nkampani iBashazela, uthi ngenkathi umbono ufika kuyena wahlala phansi nabakubo baxoxa ukuthi ufisa igama lenkampani libe yisiZulu futhi kubeyigama elingejwayelekile kodwa elihle. 

“Lafika kanjalo igama. Leli gama lalisetshenziswa ngezikhathi zakudala, lalichaza amadoda ayevela eGoli eswenkile, indlela ayegqoke ngayo phansi ayengafuni ukungcola. Abantu abadala babethi uyabashaleza, lichaza indlela onyathela ngayo,” kusho uNksz uNgema. 

Asala emhlophe qwa kanje amateku awashwe yiBashazela 

Mayelana nezinselelo ahlangabezana nazo ngenkathi eqala ibhizinisi ubala ukuthi wayenganalwazi lokuphatha amateku ahlukene futhi wabanenkinga yokuthi esaqala waqala ngokuthi enze amaphutha kwamaningi, kwafanele akhokhele lawo maphutha.

“Ngesinye isikhathi kwakufanele ngikhokhele amateku ephelele, ngesinye isikhathi ukuthi ngilimosile. Ngaleso sikhathi ngangibiza uR30 ukuhlanza amateku ngigcine sengikhokha uR350 ngikhokhela iteku bengizolihlanza ngoR30. Ngafunda ngamaphutha engawenza,” kusho yena.

UNksz uNgema uthi esaqala ibhizinisi akazange abheke usizo lwemali kodwa wazitshela ukuthi uzoqala bese izinto eziwusizo zimfica ngendlela. Uthi waqala ibhizinisi ngezandla zakhe nelanga. 

“Mina nodadewethu sathatha isinqumo sokuthi asengeze ilondolo yokuwasha izingubo zabantu, nginganawo ngisho umshini. Namananje anginawo, ngangisebenzisa ilanga ukomisa izingubo. Angifunanga ukushaywa yidimoni lokuthi uma ucabanga okuthile umbono usashisa, ungawulandeli. Ngikholwa wukuthi into kufanele uyenze ngaleso sikhathi,” kusho uNksz uNgema. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/03/11/ukuduva-kophaqa-ebusika-kwamshintshela-ekwenzeni-amateku-ekhethelo/

Uthi wasebenzisa imali ayeyibekile ekuhlanzeni amateku nezingubo wathenga umshini wakhe wokuqala owawuR2 500. Loku uthi kwamkhuthaza ukuthi enze kangcono ukuze athenge ongcono. 

Le ntokazi ithi ibizinisi layo lihluke ngokuthi lona alifani namanye amalondolo ahlanza izingubo ngemishini, bona baziwashela ngezandla. Uthi amakhasimende ayachazeka ukubona bewasha ngezandla kunomshini. 

“Loku kwamateku abantu bayamangala ukuthi umuntu wesifazane owasha amateku ngoba kujwayeleke ukuthi kube ngabantu besilisa abenza lo msebenzi. Abanye bayafika bezobona ukuthi imina ngempela yini,” kusho yena. 

UNksz uNgema unezisebenzi ezimbili aziqashe ngokuphelele nezintathu eziyitoho. 

Uthi amakhasimende akhe yiwo wonke umuntu kodwa intsha ifika kakhulu ngoba iyathanda ukuswenka, abantu abasebenzayo ngoba basuke besebenza benganaso isikhathi sokuhlanza amateku noma izingubo zabo nabantu abadala abahola impesheni. 

Eluleka osomabhizinisi abafisa ukuqala ibhizinisi uthi abaqale, bangasabi ukuthi abantu bazothini. “Mina abantu abaningi babengihleka ukuthi ngihlanza amateku. Babethi ngihlanza insila yabantu… ukuthi ngiwasha izinto zokulala zabantu, ngizoba namabhadi kodwa ngangabanandaba naloko ngoba namanje ngisaqhubeka emva kweminyaka emine ngaqala futhi ibhizinisi lami liqhubeka kahle,” kusho yena. 

Uthi abantu abangasabi ukuqala ngoba besaba ukuthi ngeke baphumelele. Uthi vele kuzokwenzeka ungaphumeleli kodwa into ebalulekile wukuthi uvuka kangakanani uma uwile. 

Facebook: Bashazela 

Instagram: Bashazela

Tiktok: bashazela2

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page