‘Yenza izinto ozozibona ngemali’

WUTHOBILE ZWANE 

Kuleli sonto kuSaziwayo neMali sikuphathele uSibusiso Mkhize, odume ngelikaBahubhe. Uwumculi kamaskandi, udume ngokushaya indlamu, isigingci nezingoma zakhe ezithi Uchamela Efrijini, Usele Nezinqa, Ningithwesa Ugodo nezinye kanti wakewaba yilungu leqembu lomculo we-gospel elibizwa Uvuyo

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Yebo, kwakwenzeka ngaleso sikhathi.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Anginaso isiqiniseko kodwa eminyakeni eminingi eyadlula. Ngayivula eStandard Bank. 

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi imali iyasiza ezintweni eziningi kodwa kwesinye isikhathi iyakwenza ugcine usuwona izinto, ugcine usubona ukuthi ungaphezulu kwabanye. 

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Ngikhumbula kahle kabi. Ngathumela imali ekhaya, enye ngathenga izinto zokugqoka. 

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Kuningi. Sengakhile, ngaba (nonkosikazi) nezimoto ngemali.

Yiliphi iphutha elithinta imali owake walenza?

Alikho.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Angikaze ngoba yasheshe yangivezela leyo nto yemali ukuthi ngeke ingisebenzele. Mina bengithi uma ngisebenzisa imali ngiya kulezi ezinto zokugembula ngisheshe ngidliwe. Ngavele ngabona ukuthi into enokubheja phakathi ngiyadliwa.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Ekhaya wawutshelwa ukuthi imali uyiphatha kahle nokuthi imali iyakwenza ukuthi ugcine usuwona izinto ngesinye isikhathi. Kuyenzeka uma usunemali ugcine usuweyisa abantu okungafanele ugcine usulahlekelwe yizinto nomndeni.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Kulula, ngingaqala amabhizinisi amancane ambalwa, ngibheke ukuthi yiliphi elingeke lingilimaze. Uma lenze  kahle, ngingabona ngalo lindlondlobala. 

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2022/10/07/kuleli-sonto-kusaziwayo-nemali-sikuphathele-ingwazi-kamaskandi-umtekhala-magubane-wodumo-lukashwi-nomtekhala-nehlanganani-umtekhala-useneqembu-elisha-umtekhala-umaqatha-nodogzin/

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Imali abangayibeki, abatshale ezintweni abazozibona. Uma ungafa kanti imali uyibekile, mhlawumbe umndeni wakho ngeke uyenze into obuhlele ukuyenza (ngayo). Yonke into ohlele ukuyenza ngemali, yenze, uhluleke noma uphumelele ngoba konke kuyidayisi. Yenza izinto ezibonakalayo ngemali.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page