Abantu baseNingizimu Afrika baphethwe yikhanda ngenxa yokubisha ezikweletini. Isithombe: Sithunyelwe

Sebephila ngezikweletu abantu baseNingizimu Afrika – ucwaningo

YINTATHELI YOMBELE

YIZE ukunyula imali yempesheni kubonakala sengathi kungenise imali kusize abantu baseNingizimu Afrika kodwa ucwaningo olusha luveza ukuthi abaningi basaphila ngesikweletu.

Ucwaningo olwenziwe yinkampani esiza abantu abacwile ezikweletini iDebtBusters luveza ukuthi abantu baseNingizimu Afrika kufanele baboleke imali ukubhekana nezidingo zanyanga zonke. Kuvela ukuthi baningi abakweletayo, ikakhulu abahola kakhulu.

Abantu abayisishiyagalolunye kwabayishumi kuvela ukuthi baboleka imali.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/02/11/yazi-futhi-uqonde-indlela-yokwengamela-izikweletu/

Isikhulu seDebtBusters uMnu uBenay Sager sithi u-91% wabantu abacele ukusizwa ngezikweletu zabo kuvele ukuthi kunemali abayibolekile kanti u-37% uphila ngokuboleka imali njalo ngenyanga. Le mali ebolekwa nyanga zonke ikhokhwa njalo uma umuntu eqeda ukuhola okwenza ibizwe nge-payday loan.

“Yize abantu kubonakala sengathi banemadlana eningi kodwa sibona besaboleka imali abayikhokha nyanga zonke ngenxa yokunyuka kwezinto ezihlukene,” kusho yena. 

Ubalule ukuthi ugesi usunyuke ngo-135% eminyakeni eyisishiyagololunye edlule, uphethroli usunyuke ngo-88%. Amandla emali wona anyuke ngo-52%, okwenza ukuthi zinyuke izindleko zabantu. 

Uthe ngekota yokuqala yango-2025 abantu basebenzisa u-69% womholo wabo ukukhokha izikweletu. Wenze isibonelo sokuthi abantu abahola kancane kakhulu, okungabahola uR5 000 noma ngaphansi ngenyanga, basebenzisa u-76% womholo wabo ukukhokhela izikweletu. Abahola uR35 000 nangaphezulu ngenyanga basebenzisa u-77% womholo ukukhokhela izikweletu.

Uthi seloku baqala ukwenza ucwaningo lwezikweletu ngo-2016 imali yokuthenga yabantu baseNingizimu Afrika isinciphe ngo-53%. Imiholo yabahola kancane inyuke ngo-1%, kuthi eyabahola kakhulu inyuke ngo-11% kusukela ngo-2016. 

Uthe bonke abantu abasebenzayo bavamise ukusala no-25% womholo wabo emva kokukhokhela izikweletu. Le mali kufanele bayisebenzise ukukhokhela amanzi, ugesi, uphethroli noma imali yokugibela nokuthenga ukudla. Abanye abasenawo umshwalense kanti abanye abasakwazi ukuthenga ukudla okunomsoco. 

U-Sager the abantu abanezikweletu akufanele bazizwe bebodwa kodwa kufanele bacele usizo. “Usizo lwezikweletu lusekhona kubantu, akufanele bazizwe bebodwa. Siyakwazi ukubehlisela imali abayikhokhayo. Ngisho izikweletu zezimoto ziyakwazi ukukhokheka ngemali encane zingabinenzalo enkulu. 

“Sesikwazile ukusiza abantu abaningi njengoba bekhokhe uR700 million, obuyele kubantu abakade bekweletwa,” kusho yena. Uphethe ngokuthi baningi nabasebenzisa izinsiza zeDebtBusters zezikweletu njengoba sebengaphezu kuka-1m abasebenzisa i-Debt Rador ne-Debt Sustainability Indicator.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page