‘Phila impilo elingene nephakethe lakho’

Kuleli sonto kuSAZIWAYO neMALI sixoxa noMjabulelwa Kweyama, umsakazi we-Intokozo FM kanti wake wasebenza nakwi-Imbokodo FM. Wethula uhlelo i-Syaziqeketha Current Affairs Show with Mjabulelwa Kweyama, olungena ngo-6 kuya ku-7 ntambama ngoMsombuluko kuya ngoLwesine,  asakaze uhlelo lwesintu oluthi Azibuye Emasisweni, olungena ngeSonto ngo-9 ekuseni kuya ngo-12 emini

WUTHOBILE ZWANE 

Usemncane wawuphiwa yini imali?

Kwakuqabukela ngiphiwa imali. Ngangiyiphiwa wugogo uma kuyilanga lempesheni.

Waqala nini ukuba ne-akhawunti yasebhange futhi wawuyivula kuliphi?

Sengisebenza, cishe ngabo-2009. Ngayivula e-Absa; ngoba lapho engangitohoza khona babesebenzisa wona.

Ekukhuleni kwakho yini oyikhumbulayo nowayifunda ngemali?

Wukuthi iyaphela ngako idinga ukunakekelwa, isetshenziselwe izidingo ezibalulekile.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/10/11/tshala-ezintweni-ezizokungenisela-imali/

Wawenzani umholo wakho wokuqala?

Umholo wokuqala ngawuyisa kugogo. Wagaya isiZulu, wahlaba neqhude elibomvu ebika kwabaphansi ecela ukuthi bavikele itoho futhi bandise nezinhlanhla.

Yini into enhle ongathi usuke wayenza ngemali?

Ngakha indawo yokufihla ikhanda, ngafundisa izingane, enye (ingane) isisesikhungweni semfundo ephakeme.

Yiliphi iphutha elithinta imali osuke walenza?

Iphutha engake ngalenza ngemali wukuyisebenzisa budlabha, ngingaboni ukuthi iyaphela futhi engiyisebenzisela kona akuyibuyisi, kunalokho kuyayiqeda.

Wake walutheka mhlawumbe ngokudlala ibhanoyi?

Ibhanoyi impela namanje ngisalidlala uma lisaqala kodwa ngeke ngimluleke omunye umuntu ngalo.

Yisiphi iseluleko esihle owasithola ngemali?

Imali idinga ukunakekelwa. Ungayisebenzisi budlabha ngezinto ozifunayo, idinga ukusetshenziswa ezintweni eziyisidingo.

Uma ungawina uR1 million kwiLotto ungawusebenzisa kanjani?

Uma ngingawina ngingaqikelela ukuthi ngenza okuzofaka imali ingunaphakade, ngicabanga ukuthi kungabe kufezeke iphupho leminyaka lokuba nezindlu eziqashisa abafundi ezisebenzisana nezikhungo zemfundo ephakeme.

Ungabeluleka uthini abanye abasemkhakheni wakho ngokuphatha imali?

Umuntu akahambe ngamandla anawo, angavumeli ukwaziwa kumenze asebenzise imali kakhulu ezintweni eziwubukhazikhazi emehlweni abantu, ekubeni isisekelo sempilo yakhe yangempela intekenteke ngoba kusho ukuthi uphila impilo yamanga.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page