Imeya kaMasipala waseThekwini uMnu uCyril Xaba ethule iSabelomali sonyaka wezimali u-2025/2i. Isithombe: Sithunyelwe

Sigunyaziwe iSabelomali saseThekwini

WU-ROMITA HANUMAN-PILLAY 

NGEMVA kochungechunge lwezigcawu lapho uMasipala waseThekwini ububonisana khona nababambiqhaza abehlukene, okubalwa kubona osomabhizinisi, umphakathi, nezinhlangano zabakhokhintela, iSabelomali sikamasipala esiwuR70.9 billion sonyaka wezimali u-2025/26 sigunyazwe wumkhandlu ophelele ngomhlaka-29 wangoMeyi. 

Okugqame kakhulu kulesi Sabelomali wukubuyekezwa kwezintela, phecelezi ama-tariff, okuyilona daba abaningi abebekhala ngalo ngesikhathi kunezigcawu zomphakathi.

Imeya uMnu uCyril Xaba ithe: “Siwumasipala onakekelayo, siyaluqonda usizi izakhamuzi ezibhekene nalo futhi sicubungule yonke imibono nezikhalo ezivelile, ikakhulu mayelana nokunyusa ama-tariff obekuhlongoziwe. Sibe sesinquma ukuwehlisa ama-tariff ezinye zezidingo.” 

UXaba uqhube wathi: “Asikwazanga ukwehlisa ama-tariff kagesi njengoba ngakulolo hlangothi silandela imiyalelo yeNational Energy Regulator of South Africa; kepha, senze izinguquko ezinkulu kwamanye ama-tariff.”

• Sehlise ama-tariff amanzi asezindaweni zokuhlala asuka ku-15%, aya ku-13%;

 • Sehlise ama-tariff amanzi amabhizinisi asuka ku-16%, aya ku-14%; 

• Ama-tariff entela yezakhiwo ehliswe asuka ku-6.5%, aya ku-5.9%;

• Ama-tariff  okuthutha indle emabhizinisini ehlisiwe asuka ku-14%, aya ku-12%; 

• Ama-tariff  okuthutha indle emakhaya ehlisiwe asuka ku-13%, aya ku-11%; 

• Ama-tariff  okuqoqa udoti ehlisiwe asuka ku-9.9%, aya ku-9%.

FUNDA NALAPHA: Isabelomali saseThekwini sango-2025/26 sibeka eqhulwini izidingo zabantu | Umbele ePublication

Okunye ukungenami okuvele ngesikhathi kuboniswana nababambiqhaza ngeSabelomali yizinselelo zamanzi, okuyimanje zixazululwa ngokusebenzisa uhlelo olugunyaziwe, i-Water Turnaround Strategy. 

 “Lapha sihlose nokuqoqa izimali kangcono ukuze umNyango wamaNzi usimame ngokwezimali,” kusho yena. 

Phakathi kokunye okuhloswe yileli su wukunqanda ukwebiwa kwamanzi nokucekelwa phansi kwezimpahla nokusebenzisa ubuchwepheshe ukubona ngokushesha ukuvuza kwamanzi. 

Ngaphezu kwaloko, lesi Sabelomali sinezinye izinhlelo okubalwa kuzona ukwakha izindlu ezintsha ezingaphezu kuka-5 000, ukuxhuma amanzi ezindaweni eziwu-6 000, ukuxhuma ugesi kweziwu-13 500 nokuxhuma amapayipi endle ezindaweni eziwu-7 386. 

Lesi Sabelomali sihlose nokuthi kufakwe amapayipi amanzi angcolile awu-53 km, kufakwe itiyela emgwaqweni wobhuqu owu-14km, kwakhiwe izinkundla zemidlalo ezintsha eziwu-13, kwakhiwe imitapo yolwazi emisha emibili, kulungiswe eminye ewu-13, kuphinde kulungiswe amahholo omphakathi awu-11, kwakhiwe neziteshi ezintsha zezicishamlilo ezintathu. Isabelo sezenhlalakahle, naso esiphuma kusona lesi Sabelomali, sisiza izakhamizi ezihlwempu zithole isikali esithile samanzi nogesi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page