Ufisa ukushintsha ipulazi libeyindawo yokuvakasha yewayini
WUTHOBILE ZWANE
UNOTHANDO lokubona abantu abahlukene behlangene ofisa ukuthi ipulazi lakhe libeyindawo yezivakashi. Uguqule isivini ebesinganakwa sabayibhizinisi lewayini elichumayo.
Umnikazi weBotebo Wines uNkk uTebogo Ditsebe waseJocobsdal, eFree State, uthi akakhulanga ewumlimi kodwa wabona umhlaba owawunganakiwe wawusebenzisa.
Ngo-2013 wasayina isivumelwano seminyaka epulazini elingamahekthare awu-48 ngokusebenzisa i-Proactive Land Acquisition Strategy (iPLAS) kahulumeni. Waliqamba wathi iBotebo, igama lesiSuthu elichaza ukujula. Uthi kumele inhlabathi enothile nomoya wayo onamandla.
UNksz uDitsebe, oneminyaka ewu-56, uqale iBotebo Wines ngo-2015. Ibhizinisi lakhe lenza izinhlobo ezihlukene zewayini kubalwa i-rosé, i-sparkling wine, i-cabernet sauvignon, i-merlot, ne-chenin blanc.

Nakuba ayengenalo ulwazi ngokulima, wazitshela ukuthi uzofunda ngendlela. Uthi ngaphambi kokuba wumlimi wayenebhizinisi lokucija abantu eKimberley.
“Ukushintsha imisebenzi kwakuyisinqumo esikhulu kumina kodwa sangisebenzela kahle. Ngo-2018, ngaba nenhlanhla yokuthola usizo lwemali ngakwazi ukuthenga izinsizakusebenza zokulima,” kukhumbula yena.
Uthi ibhizinisi lakhe lingaphezu kokubayibhizinisi njengoba lilekelele umphakathi. UNkk uDitsebe uthi ngezikhathi zonyaka ezimatasa uqasha izisebenzi ezingafinyelela ku-50, azifundise ukulima nokwenza iwayini. Uthi uma kungekho matasa kusebenza abantu abathathu epulazini ngokugcwele.
Njengabo bonke abalimi, uNkk uDitsebe ubhekana nezinselelo okukhona kuzona ukushintsha kwesimo sezulu, izindleko eziphezulu nokubanepulazi elikhulu engowesifazane endaweni egcwele abesilisa.
“Nokho ngiyaziqhenya ngohambo lwami. Amakhasimende ami ahlanganisa abathandi bewayini abavela ezweni lonke. Into engiyithandayo kakhulu ngebhizinisi lami wukubona iwayini lami liphuma emvinini liya ebhodleleni, nendlela elihlanganisa ngayo abantu,” kusho yena.
Weluleka noma ubani ofuna ukuqala ibhizinisi ukuthi: “Yiba nesibindi, yiba nesineke, futhi uhlale uzimisele ukufunda.”
Ufisa ukushintsha iBotebo ibe yindawo yokuvakasha yewayini, lapho abantu bengavakashela khona, bezozwa izinhlobo zamawayini, futhi bafunde nokwenza iwayini.
Facebook: Botebo Wines
Instagram: @botebowines