Umsunguli weSucseed Poultry Institute yaseNkomazi, eMpumalanga uMnu uSandile Mkhabela. Izithombe: Zithunyelwe

Ongene ekufuyeni izinkukhu zamaqanda enganakile uyaphumelela

WUTHOBILE ZWANE 

IBHUNGU lashintsha impilo yalo neyomndeni walo ngokufuya izinkukhu. UMnu uSandile Mkhabela, umnikazi weSucseed Poultry Institute, yaseNkomazi, eMpumalanga, udayisa amachwane namaqanda. 

Uqale leli bhizinisi ngo-2017 ngezikhukhukazi eziwu-14 engakaze acijwe ngokufuya. Ngaphambi kokuyofundela iziqu zezolimo e-University of Mpumalanga, uthi wayesenazo izinkukhu kubo kodwa wayengazi ukuthi zizomsiza ukuthola imali.

“Ngagqugquzelwa wumngani wami waseZimbabwe ofuye izinkukhu, nami ngazifundisa ngavakashela amanye amapulazi ngabuka nama-video kuYouTube ukuze ngithole ulwazi oluthe xaxa,” kusho yena. 

UMkhabela uthi waqala wadayisela omakhelwane bakhe amaqanda, amanye kwaba awomndeni wakhe. “Kwase kumnandi ukuvuka ngiyoqoqa amaqanda amasha, ngaqala lapho ngakuthanda ukufuya,” kukhumbula yena.

UMkhabela uthi wafunda okwengeziwe ngokufuya izinkukhu, wagcina esethola ulwazi ngokufukamela amaqanda, ukuchamisela amatshwele, wagcina esesebenzisa isiqandisi esidala wasiphendula indawo achamiselisa kuyona azenzele yona eyayithwala amaqanda awu-88, okwamangaza ngoba kwamsebenzela. 

Ukukhulisa ibhizinisi, usebenzise imali yakhe yokudla ukwengeza amatshwele, wagcina esethenge indawo yokufukamela enkulu yokuchamisela amaqanda angaphezulu kwawu-1 000.

Izinkukhu zamaqanda zeSucseed Poultry Institute

Uthi uMkhabela ubengafuni ukubanepulazi nje kuphela kodwa ubefuna nokusiza abantu futhi. Uthi yingako aqala iSucseed Poultry Institute, lapho efundisa khona abantu ngokuqala ibhizinisi lokufuya. Ufundisa online afuthi afundise bukhoma. 

“Ngikholwa wukuthi umuzi nomuzi kufanele uzame ukulima nokufuya noma kuthiwa igceke elincane. Ungakwazi ukukhulisa izinkukhu noma utshale amaveji. Loku konga imali futhi kusiza ukutheni wondle umndeni,” kusho yena.

FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2024/04/02/ukungathathwa-enyuvesi-kwenze-waphephela-ebhizinisini-lokufuya/

Ukholwa ukuthi abantu abasha abangalindi uhulumeni ukushintsha izimpilo zabo kodwa abaqale amabhizinisi futhi bafunde ukuwaphatha. 

“Abantu abasha bayikusasa lezwe, kufanele sinyakaze manje. Ngikhuthaza intsha ukuthi noma kuthiwa ikhono ulifunda ngo-YouTube noma abangani, ungalindi. Qala kancane uzokhula kusukela lapho,” kucebisa uMnu uMkhabela. 

Facebook: Sucseed Poultry Institute 

Instagram: @Sandile.mkhabela

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page