Umasipala usondela kubantu ukubasiza ngezinhlelo ezihlukene
INTATHELI KAMASIPALA
KUGQUGQUZELWA zonke izakhamuzi ukuthi ziye eCoast of Dreams eDurban Exhibition Centre kule mpelasonto njengoba uMasipala waseThekwini unohlelo olubizwa nge-Mother of All Customer Outreach Programme.
Lolu hlelo luzoba ngempelasonto yangoJuni 14 kuya ku-15, lapho iminyango ehlukene kamasipala izosondela kubantu.
FUNDA NALAPHA: https://www.umbele.co.za/2025/06/06/abadayisi-bacijwe-ngamakhono-okubaphumelelisa/
Kuzobe kukhona umnyango olawula izimali i-Revenue Management abantu bathole ithuba lokubuza ngakho konke okuthinta izikweletu zabo.

Umphakathi uzokwazi ukubuza ngohlelo lokusulelwa uhhafu wezikweletu, izinhlelo zokuthola izinsiza zikamasipala kusetshenziswa ubuchwepheshe ezibizwa nge-eServices. Bazokwazi ukubuza ngezinhlelo ezisiza abangasebenzi noma abantu abampofu ukuthola izinsiza zikamasipala, izindaba zokufundwa kwamamitha nokucinywa kwezikweletu zabantu abashonile.
Uphiko lwamanzi nenhlanzeko nalo luzobe lukhona ukuxazulula izinkinga zabantu ezithinta amanzi, nezokusiza abantu abampofu ukuthola amanzi ahlanzekile.
Ngeke usale ngaphandle umnyango kagesi, i-Operation Sukuma Sakhe namaPhoyisa kaMasipala azobe esiza abashayeli abafuna ukukhokhela amathikithi nokunye.Umasipala ukhumbuze izakhamuzi zaseThekwini ukuthi uhlelo oluyisipesheli lokwehlisa izikweletu luyaphela uma kuphela le nyanga (uJuni 30). Ucele abantu ukuthi babhalise eziko i-e-Services kanti bazosizwa ukwenza loku.