Kwabaningi imali yomqashi iphela endleleni. Kwabangasebenzi ukunqena amehlo abantu akulibeki ibhodwe eziko. Ikhona imali ekudayiseni nasekuphanteni. UZANELE MTHETHWA uyabika

INGOMA yomculi wekwaito osashona uMandoza eyashisa izikhotha ngama-’90s yayithi “Uzoyithola kanjani uhlel’ ekhoneni”. Yize le ngoma yayidle nangesigubhu esisukumisa ngisho nesinedolo, umyalezo wayo wawucace bha futhi unesifundo.

Uthando lokuxoxa izindaba, ubhuti wendawo, uthando lokufunda, ukuthatha amathuba nokwazisa umsebenzi kulibeke esicongweni namuhla iciko eselingesinye sezikhulu zeMarket Theatre. Lixoxe noLANGA KHANYILE ngohambo lwalo

“ISHASHALAZI alimnyama noma mhlophe. Ishashalazi limnandi noma limbi. Akunandaba ukuthi lenziwe wubani. Okumqoka wukuthi lenziwe kanjani.”

Uthando lokwenza imisiko nokuthunga lwayingena isafunda isikole intokazi. Nokho enyuvesi izishiye phakathi izifundo zokuthunga, yaqala ezomunye umkhakha ngeposi. Ixoxe noLANGA KHANYILE

INTO ayiqale esikoleni kwaGrade 8 ukuchitha isizungu, useziphilisa ngayo. Kanti uza kabi. Usethungela abantu imisiko abafika nayo, ayidwebile kanti umsebenzi ususimeme kangangokuthi usethunga imifaniswano yesikole.

Uhlelo lokusimamisa umnotho wasemalokishini nokuthi ‘zidle ekhaya’ luyaqhubeka. UMasipala uvule indawo yezigidigidi edayisa izinsimbi zezimoto nezindawo zabahwebi eMlaza

OHLELWENI oluyingqophamlando ezweni lokuthi kube nendawo yokuphucula indawo yokusebenzela yabahwebi abancane akade benamatafula ludle imali ewu-R22 million, kuyaqhutshekwa nokusimamisa umnotho wasemalokishini, njengoba kuvulwe indawo yabo eZimbuzini, eMlaza, eThekwini.

Uthando lwemvelo nesayensi seluzale ibhizinisi lezolimo elihlukile ezinsizweni ezimbili ezingabalimi nezigabe ngeziqu zalo mkhakha. Baxoxe noMbele

BADLE umhlanganiso bebhincisela nxanye amaqembu abalimi abasafufusa awu-69 emazweni awu-23. OMnu uNgwako Sekhula noMokgalakgathe Tladi bahlomule ngoR15 000 kanti bazocijwa kulo mkhakha ngaphansi kohlelo i-Entrepreneurs Futures Network.

Osomabhizinisi baseNingizimu Afrika abake bahlala phesheya babone isidingo sokusungula uhlelo lokusiza abasikingqephu abasafufusa. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabo

IBHIZINISI lemfashini lingelinye elibhekene nezingqinamba ngenxa yezinga eliphezulu lokuncintisana nokungasekwa kwabasikingqephu baNingizimu Afrika.

Idinga ukufakelwa izibuko eyezithuthi zomphakathi ezisebenza ngobuchwepheshe besimanjemanje. USLINDILE KHANYILE uyabika

KUNINGI osekushintshile ngenxa yokuthuthuka kobuchwepheshe emhlabeni. Enye yazo yindlela umphakathi othuthwa ngayo njengoba sekwaba khona izimoto umuntu azibiza “ngokugingqa isithupha” kwi-internet bese ifika qathatha lapho ekhona izomlanda, phelecezi ama-e-hailer.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Namhlanje siphothula umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check obunicathulisa ngaloku.

NGAPHAMBI kwamaphakathi no-2020, igama elithi DJ Kgaogelo Moagi, odume ngelikaMaster KG, belingasho lutho olutheni kwabaningi futhi akulona abantu abaningi abebengasheshe balikhumbule. Kodwa manje sekuyigama elihambisana nempumelelo emhlabeni jikelele futhi nelaziwa yizigidi ngezigidi zabantu kanjalo nomnikazi walo.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

LE MITHOMBO ingaba yisiqalo sokuzama ukuthola ulwazi olusezingeni eliphezulu. Nakuba kunjalo nokho kumele uhlale ubeke emqondweni ukuthi awukwazi ukuvele uthathe noma iyiphi inkulumo nje bese uzitshela ukuthi inolwazi okuyilona ngesihloko esithile.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. SIyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku.

IQINISO elingenakuphikwa wukuthi izinkundla zokuxhumana zikhuthaza ukusabalaliseka kwezithombe nama-video, nokuthi-ke isithombe esifakwe ezinkundleni zokuxhumana yisona esisethubeni lokusabalala kakhulu ukwedlula umbhalo omude.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Siyaqhubeka nomkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

INTSHISEKELO yokuthi njengentatheli kube nguwena oba ngomunye wabokuqala abazisa umphakathi ngodaba oluthile ivame ukudala ixhala nokukhathazeka. Kodwa-ke leyo ntshisekelo yokusheshisa udaba isho ukuthi kufanele uhlolisise ukuthi lokho ofuna ukukusabalalisa kuyiqiniso kangakanani.

Siphila esikhathini lapho impilo ilawulwa wubuchwepheshe ngezindlela ezihlukene nokwenza ukuthola ulwazi kube lula. Kukhona nezinkundla zokuxhumana lapho noma ngabe wubani, hhayi nje ungoti kuphela ekwazi ukubhala noma yini ayithandayo kuzona. Kodwa akulona lonke ulwazi olutholakala kwi-internet nasezinkundleni zokuxhumana oluyiqiniso nokungakho kumqoka ukwazi ukuthi uyibona kanjani into ukuthi iyiqiniso noma cha. Kusukela namhlanje sizokwethulela umkhankaso oxhaswe yi-Africa Check ozonicushisa ngaloku

AKUYONA yonke inkulumo ongakwazi ukubheka uthole ubuqiniso bayo. Umbuzo wokuqala okumele uzibuze wona ngaphambi kokuzama ukubheka ubuqiniso ngothi: ingabe le nkulumo ingahloleka yini noma cha?

Umsebenzi abizelwe kuwona unezinselelo futhi uyasinda emphefumulweni kodwa ukwazi ukuthi usiza umphakathi kuyamgqugquzela ophethe iHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

ENONYAKA ethathe izintambo zokuba wumphathi eHhovisi loMcwaningimabhuku-Jikelele KwaZulu-Natali uNkk uFuthi Mhlongo waphoqeleka ukuthi ahoxise ithimba labacwaningimabhuku ababecwaninga uMasipala waseThekwini ngoba esabela ukuphepha kwalo emva kokuthi lisatshisiwe.

IKhomishini yokuNcintisana ithi kuningi okudinga ukuguqulwa endleleni okuthuthwa ngayo umphakathi ukuze kuhlomule abagibeli. USLINDILE KHANYILE uyabika

INHLANGANO yamatekisi ezweni iSouth African National Taxi Council (iSANTACO) ithi imipumela yocwaningo obelwenziwa yiKhomishini yokuNcintisana ngemboni yokuthutha umphakathi ifakazela into esineminyaka ikhala ngayo futhi ithemba ukuthi kuloku uhulumeni uzolalela bese uthatha izinyathelo ezifanele.

Bavuke bazithatha abadilizwa kwaRainbow Chicken njengoba sebengabalimi bezinkukhu ezithi bona. UZANELE MTHETHWA uxoxe nabo

KUGCWALISEKE isisho esithi ukuwa kwenye wukuvuka kwenye ezisebenzini ezadilizwa kwaRainbow Chicken eCato Ridge, entshonalanga yaseThekwini. Kwaqhuma isililo nxa zonke ngenkathi kudilizwa izisebenzi ezingaphezu kuka-100 kule nkampani, kwalala ikati eziko emindenini eminingi.

Isimo sakhe sokuzalwa, imfundo yakhe, isimo sakhe sempilo konke bekungenza kube lula ukuthi ahlale phansi dekle, atamuze umbuso noma abheke izindaba zakhe. Kodwa umntanenkosi usekhaleni lokuthuthukisa umphakathi wasemakhaya. Uxoxe noLANGA KHANYILE

KUNESISHO sesiNtu esithi ukuzalelwa emqubeni, okusho ukuba nenhlanhla yokuzalelwa ebukhosini noma ebugwilini. Yingakho izingane zezigwili noma abantwana basebukhosini zidume ngokuthi izinto zazo zilula, okwazo nje wukulindela ukudlula kwabazali, zidle ifa bese zitamuza ubumnandi.

Ukuxakwa yizindlela zezinkampani ezinkulu nezazinqinda nenkolo yakhe kwamgqugquzela ukuthi asungule inkampani yakhe, okungenye yezinkulu kwezabantu abamnyama ezicwaninga amabhuku futhi ziluleke ngemisebenzi yobunjiniyela nezokwakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.

Osomabhizinisi basemalokishini abakhahlanyezwe yiCOVID-19 bathi akulahlwa mbeleko ngakufelwa. USLINDILE KHANYILE uyabika

OSOMABHIZINISI abasebenzela emalokishini eNingizimu Afrika bashayekile ngenkathi izwe livaliwe futhi kwabaningi babo imali ebingeniswa ngamabhizinisi abo yehlile ngaphezu kukahhafu. Yize kunjalo, abaningi bazimisele ukuqhubeka namabhizinisi abo uma izwe selivulwe ngokugcwele futhi abanye bayaqhubeka nokusebenzela emakhaya.

Uhlanganisa isayensi nezokukhangisa ebhizinisini elichuma usuku nosuku. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data), wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela.

Isabelomali saKwaZulu-Natali sigxile ezinhlelweni zokuthuthukisa ingqalasizinda, ukulwa neCOVID-19 nokweseka izinkampani ezisafufusa. USLINDILE KHANYILE uyabika

ISABELOMALI sonyaka wezimali wango-2021/22 esisanda kwethulwa wumNyango wezeziMali KwaZulu-Natali sifakazele ukuthi uhulumeni uzibophozele ekulweni nokubhebhetheka kweCOVID-19, ukuvuselela umnotho ngokweseka osomabhizinisi abasafufusa nokuthuthukisa ingqalasizinda.

Ungomunye wabaholi bamabhizinisi abahlonishwayo eNingizimu Afrika njengoba ehlale elwela abantu abamnyama nabesifazane. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE ngokungaxazulula inkinga yokuntuleka kwemisebenzi nokunye

NGENKATHI enza unyaka wesine ezifundweni zobudokotela, kwathi ngelinye ilanga esendleni elalele umsakazo wezwa umuntu omnyama ekhuluma, wachazeka yindlela ayeyibeka ngayo indaba yakhe nendlela ayekhipha ngayo isiNgisi ngamakhala.

Hlala uphephile online ngokwenza nokuqaphela lezi zinto, kuloba uZama Simelane

SEKUPHELE amasonto amabili, kanti manje siphakathi kwelinye isonto elihle futhi. Yebo, ngisafisa ukuthi uphephe online, ngakho sizoqhubeka lapho esasigcine khona emasontweni edlule. Sagcina sichaze i-online safety, saxoxa ngokubaluleka kwakho nezito eziyingozi esizenza online. Njengoba sesazi ukubaluleka kokuphepha online, siphepha kanjani na? Kukodwa ukwazi ukuthi uhlala endaweni enengozi, angithi? Kodwa kusizani ukwazi loko kodwa uma ungazi ukuthi uphepha kanjani engozini?

Kunezimpawu eziqhamuka kuhulumeni ezisilethela ithemba siwosomabhizinisi, kuloba uBusi Mavuso

NGESONTO eledlule ngabuyelwa yithemba lokuthi uhulumeni ugxile ekuletheni nasekwakheni umbuso osebenzayo ngenxa yezinto ezimbili. Okokuqala uMengameli uCyril Ramaphosa usebenzise incwadi yakhe ayibhala masonto onke ukubhunga ngohlaka okuhloswe ngalo ukuphucula indlela okusetshenzwa ngayo kuhulumeni, iNational Implementation towards the Professionalisation of the Public Service.

Kwezesayensi uyashelela, kwezobuciko nobugugu uyashibilika, kwezokuvakasha uyazintwezela. Lo makadebona emikhakheni ehlukene ulandise uLANGA KHANYILE ngohambo lwakhe

NGEMVA kokuphasa umatikuletsheni kwenye yama-boarding school aziwa ngokukhiqiza ubisi lwabafundi wayefisa ukuba wudokotela, nokho wagcina engalifakanga ijazi elimhlophe. Noma agcina engeyena udokotela owelapha iziguli kodwa namhlanje uwudokotela – udokotela ngokwemfundo.

Ukugulelwa yingane kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eselisiza nezinye izingane. Umsunguli walo uxoxe noSLINDILE KHANYILE

KUTHIWA lapho izinto zimapeketwane khona yilapho okukhona ithuba lokwenza izinto ezintsha ngoba kusuke kudingeka isisombululo. Loku kumsebenzele owesifazane osemncane njengoba kuholele ekutheni asungule ibhizinisi eseliwole nemiklomelo yamabhizinisi ezwenikazi i-Afrika.

Ukudeleleka komlimi ngenxa yeminyaka yakhe nomzimba wakhe akumvimbanga ukuthi afake isivuno sakhe ezitolo ezinkulu. Manje lezi zitolo ezaqala ngokumeya sezidla entendeni yesandla sakhe. Uxoxe noLANGA KHANYILE

LILODWA igama angachazwa ngalo umlimi waseMthatha, eMpumalanga Kapa. Uzulazayithole. Unjalo uNkk uSiphesihle Kwetana, oneminyaka ewu-26. Uma efuna into uyaphokophela aze ayithole. Ngaphezu kokuba wuzulazayithole unesinye isikhali – ukukhulunyelwa wumsebenzi wakhe, … Read More

ISabelomali sango-2021/22 sibi futhi simnandi embonini yezolimo. USLINDILE KHANYILE uyabika

IMBONI yezolimo ijabula ibuye nganeno ngesabelomali sika-2021/22. Iyakuthakasela ukuthi kunemali ehlinzekelwe ukuqhuba uhlelo lokubuyisela umhlaba kwababephucwe wona kanjalo nokutakula i-Land Bank kodwa ikhala iyazithulisa ngentela yogwayi notshwala, nethi izoyinyusela izindleko futhi ibeka imisebenzi engcupheni.

Kusinda kwehlela kuMboweni uma kubhekwa isabelomali sika-2021/22. Nokho zikhona izinto eziqinisa idolo. USLINDILE KHANYILE uyabika

UNGQONGQOSHE womNyango wezeziMali uMnu uTito Mboweni wethule isabelomali esifakazele ukuthi impela uma sekuzosa kuba mnyama kakhulu. Isithombe esivezwe yilesi sabelomali siyatshengisa ukuthi iseyinde indlela esazohanjwa ngaphambi kokuthi kulunge umnotho waseNingizimu Afrika kodwa zikhona izinto ezimbalwa eziletha ithemba.

Nakhu abakushilo ngesabelomali

USolwazi uBonke Dumisa, usomnotho: “Yisabelomali lesi esizama ukwenza into ebonakalayo, ke singabantu asiyi nganxanye singemanzi. Benze okusemandleni njengoba nezeMpilo zinikwe omunye uR8 billion wemigomo. Sithe uma siphela isabelomali, ngabheka ukuthi … Read More

Ukuhlala uphephile online, kuloba uZama Simelane

AYIKHO into esiyenze impilo yethu yaba lula ukudlula i-internet. Sikwazi ukwenza noma yini noma siye noma yikuphi ngokuphazima kweso. Sikwazi ukuthenga nokudayisa, sibuke amafilimu noma siye “esiqiwini”; konke sikwenza kwi-internet. Kodwa ngabe konke loku ngamakhekhe noswidi? Ngeshwa, akunjalo. Iqiniso lithi noma i-internet iyinhle kodwa futhi ingasilimaza.

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page