Uthando lwekhofi lumholele ebhizinisini elingavamile endlini emnyama ovuba ikhofi. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
UNGOMUNYE wabesifazane abambalwa emkhakheni wokuvuba ikhofi. Ukukhonya kwesiqhoqho samadoda kulo mkhakha nokufisa ukushintsha le ndima kutshale uthando lokufisa ukushintsha loku ngokuqala ibhizinisi nokufundisa nabanye ngamathuba akhona kule mboni.
Lowo wuNksz uFikile Khuzwayo, i-barista, umvubi wekhofi, odume nge-The Coffee Queen, nowumnikazi weFiks The Coffee Queen.
Yize leli bhizinisi eliqale ngoNovemba ngonyaka odlule kodwa liyasimama mihla namalanga.
Lo somabhizinisi odabuka eMkhunya, eMkhomazi, oGwini oluseNingizimu, uneminyaka eyisikhombisa eyi-barista.
Uthi ibhizinisi kade laba khona emqondweni kodwa eswele amandla okuliqala.
“(Ukusebenza) iminyaka eminingi kulo mkhakha kungikhombise ukuthi kusakhonya abantu abesilisa. Bekungiphatha kabi loku, ngazitshela ukuthi ngizoqhamuka nezinguquko kulo mkhakha,” kulanda yena.
Yize esasebenza njenge-barista kwaMr Price Group, ngezimpelasonto ugxila ebhizinisini lakhe.
“Ngaqala ngokuthenga umshini wokwenza ikhofi ongibize uR45 000 nomncane oyi-grinder ka-R3 500. Bengilokhu ngiqongelela imali yokuthenga umshini ukuze ngiqale ukuzisebenza,” kuchaza uNksz uKhuzwayo.
Ngezimpelasonto usebenzela ngaphandle kwendawo yokucwala izinwele ngaseWindemere Centre eThekwini. Ubeka itende elincane, amakhasimende azibonele evuba ikhofi phambi kwawo. Uthe lokhu kuyamjabulisa ngoba uyabathanda abantu.

“Isikhathi esiningi ama-barista awabonakali ngoba nasezindaweni zokudla asebenzela ekhishini. Ikhasimende lilethelwa ikhofi nguweta, lingakwazi nokuzibuzela ukuthi kufakweni ekhofini,” kusho yena.
Uthi abathandi bekhofi bokuqina bafuna ukwazi ukuthi ikhofi livutshelwe kanjani. Ubafanise nabathandi bewayini, abafuna ukwazi umlando walo ngaphambi kokuliphuza.
UNksz uKhuzwayo ukwazi ukuvubela zonke izinhlobo zekhofi, okubalwa ne-cappuccino. Isifiso sakhe wukuthi uma esekhulile kuleli bhizinisi azigayele ikhofi kusukela ekuqaleni, phecelezi i-roasting.
Ngaphambi kokuqala ibhizinisi kwadingeka ukuthi avakashele epulazini lekhofi ukuze abone ukusuka nokuhlala umsebenzi wokutshala nokuvuna ikhofi.
Uthi ikhofi liyafana nokudla, liyatshalwa, livunwe linekwe izinsuku ezintathu ngaphambi kokugaywa. Uncoma abalingani bakhe emsebenzini athe yibona abamesekile ngenkathi eqala leli bhizinisi, befika bezothenga babhale nasezinkundleni zokuxhumana. Uthi nabaphathi bakhe bebemkhuthaza, bemeseka nangenkathi engenela imincintiswano.
Umncintiswano wokuqala wawungenela ngo-2016 kanti waphuma kwiTop 6 esifundazweni, kwathi kuzwelonke waba kwiTop 12.
Ngokomsebenzi wokuba yi-barista ungowesibili kwabesifazane abavelele KwaZulu-Natal.
Isifiso sakhe esikhulu wukuba ne-coffee shop, aqeqeshe nabanye abesifazane ngalo msebenzi.
Facebook: Fiks The Coffee Queen
Instagram: Fiks_The Coffee Queen