UMnu uYanga Dlamini, umsunguli weNgatsho Fruits yaseGqeberha, eMpumalanga Kapa

Izithombe: Zithunyelwe

Umfundi wasenyuvesi wayethi uqala into encane yokuxosha ikati eziko kanti akazi izozala ibhizinisi lezithelo eselichumile manje. Uxoxe noTEBOBO MOKWENA

UQALE ukudayisa izithelo ngoba ezifunela amasentshana okondla kubo kodwa sekuvele kwaphenduka umsebenzi awuthandayo kanti usenamaphupho amakhulu ngawo.

UMnu uYanga Dlamini usungule iNgatsho Fruits ngoMashi nonyaka. Udayisa amagrebhisi, ama-plum, amapheya, ama-aphula, amapentshisi, amanantshi nama-orintshi eNelson Mandela University eGqeberha, eMpumalanga Kapa.

Exoxa neVutivi News, uDlamini uthe uyawadilivela amakhasimende athenga izithelo ezibiza ngaphezu kukaR50. Uphinde athengisele ezinye izikole kuleli dolobha ebelaziwa ngePort Elizabeth (noma iBhayi).

“Okungenze ngadayisa izithelo yingoba ngiyinsizwa ethanda ukuzimela, angithembele kumuntu,” kusho yena. 

“Icebo lami bekuwukuvula i-tuckshop encane ngasenyuvesi kodwa ngenxa yeCOVID-19 angikwazanga.” 

Kukheth’ ukhethi ezithelweni zeNgatsho Fruits

Uthi ngo-2018 ubenetafula phambi komtapo wolwazi. Wayedayisa oswidi, oncamnce nogwayi. Kodwa ugcine edayisa izithelo.

“Inhloso enkulu yokuvula leli bhizinisi wukuthi ngikwazi ukondla izingane zasekhaya nezami futhi ngikhokhele izifundo zami. I-National Student Financial Aid Scheme (i-NSFAS) ikhokhele iziqu zami zokuqala i-National Diploma in Building kodwa ngithe uma sengenza i-Advanced Diploma in Quantity Surveying kwadingeka ukuthi ngizibonele.  

Uthi useyazifela ngaleli bhizinisi nezinselelo zalo. “Ngiqala kwakuwukuthi nje ngifisa ukuthola imali ekupheleni kwenyanga kodwa manje senginezinhlelo ezinkulu ngoba sengiyalithanda kakhulu,” kusho uDlamini. 

Eqala wayengenamuntu ancintisana naye, ngakho yonke into yayihamba kahle. Kodwa manje usenembangi edayisa izithelo enyuvesi.

“Inzuzo yehla yenyuka. Angenzi imali efanayo nsuku zonke. Ngolunye usuku ngiyawenza uR1 000 kanti kokunye kuba wuR400 noma uR300. Kodwa ngiyaqinisekisa ukuthi ngidayisa izithelo ezisesimweni esikahle ngoba ngizithenga njalo ekuseni.”

Amagrebhisi adayiswa eNgatsho Fruits

Izithelo zakhe uzithenga eMotherwell nakwabadayisa izithelo emavenini aqhamuka emapulazini ngoLwesibili nangoLwesithathu. 

“Into enkulu esengiyizuzile wukukwazi ukuthi angilali ngingadlile. Ngingakwazi ukuzondla, ukondla izingane zakithi nezingane zami. Ngiloku ngikhule njalo kuleli bhizinisi futhi sengicabanga nokukhiqiza ijusi. Yilezo izinto ezingikhuthazayo ukufuna ukukhulisa ibhizinisi,” kusho yena. 

UDlamini uthi ngelinye ilanga ufisa ukuba nesitolo esidayisa izithelo namaveji eGqeberha, adayisele ezinye izitolo endaweni nabenza imicimbi. 

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: 

www.vutivibusiness.co.za

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page