UMnu uTalifhani Banks, umsunguli we-Analytics Advertising ezinze eMidrand, eGauteng

Izithombe: Zithunyelwe

Uhlanganisa isayensi nezokukhangisa ebhizinisini elichuma usuku nosuku. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE

UMSUNGULI wenkampani eyenza izikhangiso isebenzisa kakhulu ulwazi nezibalo enalo ngamakhasimende, phecelezi i-data, wangena kwezamabhizinisi eneminyaka ewu-13 njengoba wayesekwazi ukusebenzisa ikhamera, nayeyisebenzisa ukushutha abangani bakhe izithombe bese ebadayisela. 

Eseneminyaka ewu-14, uMnu uTalifhani Banks, isikhulu esiphezulu se-Analytics Advertising, wayedayisa ama-orintshi nobhanana esitimeleni naphambi kwaSPAR wangakubo. 

Yize imali yayingena ngale misebenzi kodwa futhi uthi washeshe wabona ukuthi lolu hlobo lwebhizinisi lunzima futhi akulona afisa ukugxila kulona uma esekhulile.  

“Ngangazi ukuthi angifuni ukuba nebhizinisi lokuthi ngiphile nje okungatheni nokungakho ngathi uma sengiyofundela umsebenzi ngafunda ngamabhizinisi, ngifuna ukuqonda ukuthi izikhungo ezifana neBhange loMbuso zisebenza kanjani. Kunolwazi oluningi ezincwadini kodwa angilutholi ulwazi kuzona kuphela, ngiluthola nangokulalela abantu nakwiYouTube, abantu abafana noSteve Jobs (umsunguli we-Apple ongasekho),” kusho yena.

U-Banks oyi-statistician, noneziqu zeBCom ezigxile kwi-Statistics e-University of Pretoria, usungule i-Analytics Advertising ngo-2017 emva kokusebenzela izinkampani ezifana noMassmart, Pick n Pay ne-Auto Zone.

U-Banks ejulile emahhovisi e-Analytics Advertising

Kulezi zinkampani ubesebenzisa ubuchule bakhe bokucubungula izibalo nolwazi oluningi ngamakhasimende ukubona ukuthi yikuphi okushiwo ngamakhasimende, adingani futhi kumele amanani bawaklame kanjani nokuthi kumele bayikhangise kanjani imikhiqizo.

U-Banks uthi kodwa bekumhlupha ukuthi athi esecwaningile kodwa abantu okuyibona abagcina behlanganise imikhankaso nemiyalezo okukhulunywa ngayo namakhasimende bebekwenye indawo ngokucabanga.

Loku kufisa ukuzibambela nasendleleni imiyalezo ehlanganiswa ngayo yikona okumfake ugqozi lokusungula inkampani ethi yena. 

“Sizama ukuhlanganisa isayensi nezokukhangisa ukuze sisize abanikazi bemikhiqizo bakwazi ukuthola amathuba amasha. Uma ngenza isibonelo, uma kuwukuthi umkhiqizo uqale udayisela abantu abahola kancane, singabasiza kanjani ukuze bakwazi ukuheha abahola kakhulu,” kuchaza yena.

U-Banks, odabuka eLouis Trichardt, eLimpopo, usebenza nomkakhe kule nkampani eqashe ongoti balo msebenzi abawu-13.

U-Banks nomkakhe asebenza naye uPabalelo

Namhlanje isebenzisana nezinkampani ezinkulu ezinjengeMTN, iProNutro, iWeet-Bix, iPPC, iNestle neDSTV kanjalo nabantu abaphusha izikhangiso ezinkundleni zokuxhumana, phecelezi ama-influencer, abawu-15. Kodwa akuvelanga kwase sekunje.

“Kwakunzima kakhulu ngaleso sikhathi, ungekho umsebenzi. Into eyayinzima kakhulu wukuthi uvuka kanjani uzithathe emva kokuthi usuchithiwe. Uyakhala? Wenzenjani? Ukhumbule ukuthi ngangikade ngisebenza kahle, ngihola kahle manje angisakwazi ukulekelela umkami futhi angisakwazi nokusiza umama ngengangimsiza ngakho.

“Kodwa ngiyawuthanda lo msebenzi futhi ngiyathanda ukuxazulula le nkinga engase ngiyibonile. Angikaze ngikholelwe entweni kangaka nokuyikona okungisizile ukuthi ngibekezele. Cabanga ukuba ngaphela amandla, ngabe bangaki abantu okungabe ngibavalele amathuba esisebenza nabo manje? 

“Kuyangisiza ukuthi ngiyakholwa kakhulu futhi ngiyazi ukuthi engikwenzayo wubizo lwami, akusiwo nje umsebenzi,” kuqhuba yena.

U-Banks uthi ukuhlasela kweCOVID-19 yikona okushintshe izinto kwabasiza kakhulu ngoba ukusetshenziswa kwe-data, ubuchwepheshe yikona okukhule kakhulu ngalesi sikhathi.  

IG: mrbanks_aa

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page