Phakathi nezinsuku ufundisa esikoleni esizimele, ngezimpelasonto ufundisa esikoleni asisungulele ukusiza izingane zabantu ngesikhathi sokuvalwa kwezwe. Uxoxe noZANELE MTHETHWA
USEPHENDUKE isixazululo emindenini eminingi uthisha oqale esiza izingane ezifundweni zazo, osekuphendule ibhizinisi eliseceleni ukufundisa eceleni.
UNksz uSphumelele Mngomezulu, ofundisa esikoleni esizimele eGoli, uqale ibhizinisi iSphume’s Tutoring Services ngoJuni ngonyaka odlule. Ngesikhathi abazali beshayana ngamakhanda bexakwe wumsebenzi wesikole njengoba izingane bezifundela emakhaya ngenxa yokubheduka kweCOVID-19, ubone ithuba lebhizinisi. Utshele Umbele ukuthi waqala ngezingane ezimbili ezisiza ngomsebenzi wesikole. Abazali bazo abawuvalanga umlomo bencoma isineke sakhe, bawuhlaba bawulawula.
“Ngesikhathi ngiqala bengifundisa amabanga aphansi lezi zifundo eziseceleni kodwa sengisukela kuGrade 1 kuya kuGrade 9. Ngithole ukuthi baningi abazali abebenenkinga yokusiza izingane ngomsebenzi wesikole. Ezinye izingane zihlala nabantu abadala abangazi lutho ngomsebenzi wesikole,” kulanda yena.
UNksz uMngomezulu, osefundise iminyaka emithathu esikoleni esizimele, ufundisa zonke izifundo kuleli bhizinisi. Ngokomsebenzi wesikole uwuthisha wesiZulu kanti uke wafundisa iminyaka emithathu esikoleni sikahulumeni.
Uyahleka uma exoxa ukuthi abantu abamthembi ukufundisa isiZulu. Uthi loku kwenziwa yindlela aveteza ngayo isiNgisi ngenxa yokufunda nezinye izinhlanga.
“Empeleni ngazikhethela ukufundisa isiZulu kulesi sikole esizimele. Inhloso yami wukuqhakambisa izilimi zethu ngoba izingane zamanje sezikhuluma kakhulu isiNgisi,” kusho uNksz uMngomezulu.
Echaza indlela asebenza ngayo, uthi phakathi nezinsuku usuke ematasa nomsebenzi wesikole afundisa kuso. Okwebhizinisi ukubona ngezimpelasonto.
Usenezingane eziwu-11 azifundisayo, okumanje isibalo kubhekeke sikhule ngamandla emuva kokuzikhangisa nasezinkundleni zokuxhumana, wathola nezinye izicelo.
Uthi uma kukhula ibhizinisi uzimisele ukuqasha omunye uthisha ozomsiza. Ngenkathi eqala ubefundisa kwi-internet, athi abazali abaningi bebengakuthokozeli. Usezifikela mathupha kubafundi bakhe, athi kwenza ukuthi ingane isheshe ibambe.
“Ifundiseka kangcono ingane uma sibonana nayo ubuso nobuso. Kunginika namanye amasu nezindlela eziningi zokwenza ukuthi izwe kahle. Umzali uyazisholo ngesikhathi ebhalisa ukuthi ufuna ziphi izifundo. Imali ngiyikala ngehora, kuyenzeka ngifundise ingane eyodwa amahora amathathu, kuya ngokwezifundo zayo,” kusho yena.
Isifundo sibiza uR170 ihora.
Uthi abanye abazali bafuna afundise zonke izifundo. Mayelana nokuthi umelana kanjani nomsebenzi wasesikoleni nowebhizinisi, uthi kunzima kodwa usizwa wuthando lwezingane nolokufundisa. Uzihlelela isikhathi ngezimpelasonto, ukuze ibhizinisi lingashayisani nomsebenzi.
Yize ezalwa ngabantu abebewothisha, akaze azicabange engena kulo mkhakha. Uthu useyabona ukuthi ubizelwe kulo msebenzi ngoba wagila izimanga efika kulo mkhakha.
Ezinyangeni ezintathu eqale ukufundisa esikoleni sikahulumeni, wathola ithuba lokuqeqesha abanye othisha ngenxa yokuba bukhali bakhe. Uthi kulolu hlelo wakhethwa yinhloko yomnyango wezemfundo eGoli, ohlelweni lokuthuthukisa izilimi zesiNtu.
Lo thisha, okhulele eMtubatuba, KwaZulu-Natali, iziqu zobuthisha wazithola eNyuvesi yaKwaZulu-Natali kanti ngaphambi kwaloko ubenezeCommunity Development zakulesi sikhungo.
Kumanje uqhubeka nezinye izifundo zokuthuthukisa umkhakha wezemfundo. Uphinde abe nesitifiketi sokuba yi-assessor esigunyazwe yi-Seta.
Facebook: Sphumelele Mngomezulu