UMnu uSenzo Mosiya, umnikazi weMoss Vintage yaseThekwini, KwaZulu-Natali

Izithombe: Zithunyelwe

Awukho omunye umsebenzi ake wazibona ewenza umsikingqephu odle ngesitayela esihlukile nosenamakhasimende kwezinye izifundazwe. Uxoxe noZANELE MTHETHWA

UVUKE wazithatha phezu kokucikiza kwebhizinisi ngenxa yobhubhane iCOVID-19 umsiki wengqephu waseThekwini onesitayela esihlukile. 

UMnu Senzo Mosiya weMoss Vintage usaziwa nakwezinye izifundazwe ngenxa yekhono lokuhlanganisa indwangu nesitayela esihlukile. Yize ezibiza ngomfana wasemakhaya njengoba akhulela eShowe, KwaZulu-Natali, uthi wazi esemncane ukuthi uyoba wumsiki wengqephu. Loku kwenze ukuthi afeze iphupho lakhe ngokuyofunda eLindiwe Kuzwayo Academy of Fashion Design eThekwini.

“Bengivele ngizithanda izinto ezinhle, ikakhulukazi izitayela. Kuthe uma ngiqeda isikole ngayofundela ukuthunga ngoba awukho omunye umsebenzi ebengiwucabanga. Ngesikhathi ngifundela ukuthunga ngangivele ngazi ukuthi inhloso ukuba nebhizinisi lami,” kulanda yena. 

Uthi waqeda ngo-2012 ukufundela ukuthunga, waqala wathungela abantu njengabo bonke abasiki bengqephu. Akazange akwenze isikhathi eside ngoba vele ubehlose ukuqala imisiko yakhe ehlukile. Yize eke wazithunga izingubo ezijwayelekile, okubalwa amasudi, uthi wabona ukuthi abantu abazithengi kakhulu.

“Ngike ngahlala unyaka wonke ngingathungi, ngisagxile ekuphembeni ibhizinisi lami. Kudingeke ukuthi ngenze nocwaningo ngaphambi kokuqala iMoss Vintage. Izimpahla eziningi zokuphola esezidumile manje, ngaziqala kwiMoss Vintage. Izimpahla zami zidle ngesitayela sokuphola nemibala ehlukile. Kulula nokuzibona ngoba zihlukile nangombala,” kusho uMosiya.

Ezimpahleni agxile kuzo kubalwa izigqoko ama-bucket hat, ama-tracksuit, amajakhethi, izikibha nama-jean apendiwe. Yize ethi amanye amakhasimende ayazicelela ukuthi afuna izimpahla ezinjani, wenza isiqiniseko sokuthi azilahlekelwa yisitayela adume ngaso. 

Eminye imisiko yeMoss Vintage

Uthi usebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana, osekwenze wanamakhasimende ngisho eLimpopo, eGauteng nakwezinye izifundazwe. 

Uthi uyamangala uma eseshayelwa ngamakhasimende athi abone izimpahla zakhe ezinkundleni zokuxhumana. Uthi iningi lamakhasimende akhe asekhulile futhi asebenzayo, ambalwa ayintsha.

Kuleli bhizinisi, athe ngelomndeni njengoba negama lisuselwe ekunqamuleleni isibongo sakhe, useqashe abasizi abayisikhombisa. Uthi kudingeke bamise ababili ngenxa yokushayeka ngesikhathi kuvalwe izwe ngonyaka odlule. Uthi licishe lawa ibhizinisi njengoba kudingeke nokuthi avale isitolo abesisebenzisa enkabeni yeTheku. 

UMosiya uke wangenela imibukiso yemfashini, athi ubemenywa kuyo. Usezenzela eyakhe imibukiso ngezimpahla zakhe kuphela njengoba ethi ukumenywa kudla ephaketheni kodwa akulethi nzuzo. 

Mayelana nezinselelo kuleli bhizinisi, uthi ukwanda kwezitolo zabokufika ezidayisa izimpahla ngamanani aphansi kuyabalimaza. Ukhala nangokushoda kwezindwangu ezisezingeni elifanele.

Ufisa ukuba nezitolo ezweni lonke, andise namathuba omsebenzi.

Facebook: Moss Vintage
Twitter: @moss_vintage
Instagram: MossVintage

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page