Ukuxakwa yizindlela zezinkampani ezinkulu nezazinqinda nenkolo yakhe kwamgqugquzela ukuthi asungule inkampani yakhe, okungenye yezinkulu kwezabantu abamnyama ezicwaninga amabhuku futhi ziluleke ngemisebenzi yobunjiniyela nezokwakha. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
KUNEZINTO ezimbili uMnu uZakhele Mkhize, umsunguli we-Entsika Consulting, azifunda ekhuleni kwakhe asabambelele kuzona nanamhlanje. Okokuqala wukuthi zimisele emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi, ungakhathazeki ngekusasa. Okwesibili wukuthi ungasabi ukucela usizo futhi nawe uselule isandla uma omunye umuntu edinga usizo ngoba yiyona ndlela yokwakha ubudlelwano nabantu.
UMkhize, oseneminyaka ewu-12 ezisebenza, usabuswa yile migomo namanje ngisho nasendleleni izinto eziqhutshwa ngayo enkampanini okungaseyona eyakhe yedwa njengoba sekukhona nabanye abaqondisi abane nabo abanamasheya kuyona.
Eqala ukubona umvuzo wokuzimisela emsebenzini okuhlalele ngaleso sikhathi wayesafunda isikole njengoba ethi yize kwakucacile ukuthi ayikho imali yokuqhuba izifundo zakhe ngenkathi esephothule isikole kodwa lokho akuzange kumthene amandla.
“Ngifunda ngangingakhathazekile ukuthi ngeke ngibe nayo imali yokuya enyuvesi, abantu babesho njalo abanye bethi wayixaka kangaka… ngisho umama wayethi ‘wayixaka kangaka wena, uyoyithathaphi imali yokuya emanyuvesi noma ekolishi,’” kukhumbula yena.
“Mina engangigxile kukho wukuthi kwenzakalani namuhla, ngabe ngenza konke okusemandleni ami namhlanje? Kulona lonke ibanga engangilifunda, ngangizitshela ukuthi angiphase kahle. Uma usuphasa uStandard 9 (uGrade 11) noStandard 10 (uGrade 12), abantu babanentshisekelo yokukusiza. Gxila kwimanje, ungazikhathazi kakhulu ukuthi eminyakeni emihlanu noma eyishumi kuzokwenzakalani, ungapheli amandla ngenxa yokwenzeka namhlanje ngoba kuzodlula.”
UMkhize, oneminyaka ewu-42, uyi-chartered accountant, nakufundela e-UKZN, lapho athola khona iziqu zeBCom Accounting neHonours.
I-Entsika yinkampani eyaqalwa igxile ekucwaningeni amabhuku nokweluleka izinkampani kodwa isiyenabela nakweminye imikhakha njengoba ikhona kwezobunjiniyela nokwakha, isiza ukubhekelela izakhiwo kanjalo ukuqeqesha nokuthuthukisa amakhono.
Namuhla iqashe abantu abawu-250, nokuyisibalo esisanda kwehla ngoba ukubheduka kweCOVID-19 kubaphoqe ukuthi badilize uma amanye amakhasimende ehoxa.
Uthi imfihlo ebhizinisini ilele ekunikeni amakhasimende loko akufunayo.
Uthi kulolu hambo kumsizile nokubambisana nabanye abantu abanamava ahlukile kunawakhe nokungabeki imali eqhulwini. Okunye okuhlukile endleleni okwenziwa ngayo izinto Entsika wukuthi asikho isikhulu esiphezulu, njengoba ukuphathwa kwenkampani kuwumsebenzi wabo bobahlanu abaqondisi nathi kuyasiza ingcindezi ingabi semahlombe omuntu oyedwa nokuthi wonke umuntu uyakuqonda ukuthi wumsebenzi wakhe ukukhangisa nokukhulisa inkampani.
“Loku kunomthelela nasendleleni esibuka ngayo impumelelo. Yebo, siyakubheka ukukhula kwemali engenayo, ukukhula kwesibalo samakhasimende kanjalo nokukhula kwenzuzo. Kodwa okunye esikubhekayo umthelela esinawo emphakathini ngoba umsebenzi wethu umayelana nokuthuthukisa umphakathi nokusho ukuthi sibheka nomsebenzi owenziwa yiFoundation,” kuchaza uMkhize.
Uthi ngisho inzuzo abayenzile isuke ingatheni kodwa uma bebuka umsebenzi owenziwe yiFoundation, nokuyinhlangano engenzi inzuzo ebhekele ukunikela emphakathini, bayajabula.
Ukhuliswe wuninakhulu ngoba unina wayemthole eseyingane. Ngenxa yokuthi uninakhulu wayesebenza emakhishini, ukhule ehlala ezihlotsheni nakwaminye imizi okwakungeyona eyezihlobo. Loku kwenza wahlala futhi wafunda ezindaweni ezihlukene njengoba zingaphezu kuka-11 izikole afunda kuzona. Wake wafeyila uStandard 6 (uGrade 8).
Wazalelwa eMtubatuba kodwa ezinye zezindawo ahlale kuzo yiseSikhaleni naseMthunzini. Wabona ukuthi uyayithanda i-accounting ngenkathi esiza abanye abafundi esikoleni. Wayefisa umsebenzi ozomhlalisa ehhovisi asebenzele inkampani enkulu futhi agqoke kahle njengoba kukhona omakhelwane ayebabona beya emsebenzini bezicuphile.
Lafezeka iphupho lokusebenzela izinkampani ezinkulu njengoba asebenza ePwC, eCadbury nakwaBMW. Nakuba ayesebenza kahle futhi ehola kahle kodwa kuningi okwamxaka endleleni izinto ezenziwa ngayo ezinkampanini ezinkulu. Enye yazo wukuthi ngisho efisa ukucelela umuntu usizo lokuthi aqashwe ngamaholidi ukuze athole isipiliyoni kodwa kwakunemidanti eminingi okwakumele ilandelwe futhi umuntu agcine engasizakalanga ekubeni inkampani inayo indlela yokumsiza.

Ezinye zezinto ezikwi-website yase-Entsika yivesi leBhayibheli elicashunwe kuGenesisi 28: 22 elithi: “Naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”
Ezinye zezinto ezenziwe yiFoundation wukwakha kabusha isonto laseLuthela eMthunzini, umsebenzi owadla uR15 million. Leli yisonto uMkhize abhabhadiswa futhi waqiniswa kulona kanti eMthunzini yilapho athi wahlangana khona nothisha owashintsha impilo yakhe, uMa’am Mtshali owayemfundisa i-accounting eHlakaniphani High School.
Ukungaqhakanjiswa kwenkolo ngenye yezinto athi zamxaka ezinkampanini ezinkulu. Mlalele echaza.
Ekuqaleni kwalo nyaka uMkhize uqokwe waba yi-adjuct professor e-Unisa, lapho efundisa khona izifundo zokuba wusomabhizinisi, i-entrepreneurship.
“Ikusasa lezwe lethu lincike kubaholi bangomuso… abaholi esibacijayo njengamanje. Kuwumsebenzi wethu ukukhulisa abaholi abaqotho, abaholi abangazibheki bona kuphela kodwa ababheka ukuthuthuka kwezwe, umphakathi. Sifuna ukukhulisa abaholi abathobekile, abangakhohlakele. Sifuna abaholi abazothi sifuna ukwakha imiphakathi yethu, hhayi ukuyintshontshela.
“Owami umbono uthi isigaba sokuqala sentuthuko wukuthi kumele uqale uphume wena ebubheni, uphumelele. Kodwa uma usukwenzile loko, kumele uphindele emuva uyolekelela emphakathini. Leyo yinto okumele siyifundise ukuthi akukwazi ukuthi nje okwenzayo kungaba ngawe kuphela.”
UMkhize uthe uyakholwa wukuthi lezi zifundo kumele zifundiswe wonke umuntu, hhayi nje labo abanesifiso sokuqala amabhizinisi kuphela. Uthe kumqoka nokuthi abantu abasebenza emabhange, kuhulumeni nakweminye imikhakha bayiqonde indaba yokuba wusomabhizinisi ukuze bathi uma benza izinqumo ezithinta osomabhizinisi bebe beyiqonda into abakhuluma ngayo.
Okunye ngaye:
- Uneziqu zeMBA zaseGibs;
- Ukhonze ukugijima nokuqwala izintaba. Useke waqwala iKilimanjaro, iMount Vinson e-Antarctica neMount Elbrus eRussia;
- Ukhonze nokulala uma efisa ukuphumula;
- Uganiwe futhi unabantwana abayisihlanu.
