Uhola kanjani ngezikhathi zesiphithiphithi?, kuloba uNtokozo Biyela
AKE SIBHEKE ukuthi njengomholi uhola kanjani ngezikhathi zesiphithiphithi? Siyazi ukuthi kuba nzima ukwenza izinqumo uma izinto zimapekwetwane. Abaholi abaningi bajwayele indlela endala yokwenza izinqumo lapho umuntu engajahi ukwenza isinqumo uma kuvele inkinga, ngaphandle uma iphoqa ukuthi sithathwe ngokushesha.
Siyazi-ke ukuthi isikhathi esiphila kusona manje yisikhathi esingakhathelele ukuthi isiphithiphithi singakanani. Singaba sincane noma sikhulu kodwa kuyaphoqa ukuthi wena njengomholi uthathe isinqumo ngokushesha ngoba awazi ikusasa likuphatheleni.
Kwesinye isikhathi ukudembesela ukuthatha isinqumo kungaba nomphumela omubi kakhulu esimweni senkampani noma kuwena njengomholi. Ngifisa sibhekisise izinto ezinhlanu okufanele wena njengomholi uzenze kulesi sikhathi samanje ukuthatha isinqumo:
- Ungaxhamazeli. Yehlisa umoya ukuze uzokwazi ukucabanga kahle. Loku kuyasiza ngoba uma uxhamazela ugcina usuthatha izinqumo ezenza isimo sibe sibi kakhulu. Uma wena njengomholi usutatazela yini ocabanga ukuthi abantu obaholayo bazoyenza? Nabo bazotatazela. Ngakho-ke yehlisa umoya, kube uwena oletha ukuzinza esimweni esishubile, uhole ngokuzethemba.
- Yenza isiqiniseko sokubandakanya abanye abantu abangabanolwazi olunzulu kunolwakho. Kubalulekile ukuthola imibono yabanye abantu abangaba nolwazi olunzulu ngesimo enibhekene naso. Loku akusho ukuthi akusiwena umholi kodwa kusho ukuthi uyaqonda ukuthi isimo ngeke usilungise wedwa ngobuchule nobuhlakani bakho kodwa udinga ukuhlanganisa amakhanda abantu abaningi. Ungakhetha abantu obathembayo owaziyo ukuthi banobuchule namava anzulu ekuletheni izisombululo. Kodwa loko akusho ukuthi uvalele abanye ngaphandle. Wonke umuntu ubalulekile enkampanini ekuqhamukeni nesisombululo. Khuluma nawo wonke umuntu ngokwezigaba zabo.
- Yenza izinqumo ezincane ngaleso sikhathi ezingenza ukuthi ufinyelele esinqumweni esikhulu. Akusizi ukukhala ngisho ubona ukuthi igula selichitheke namasi. Yamukela ukuthi ngeke usakwazi ukuqoqa lawo masi kodwa into osengayenza wukulungisa igula ukuze likwazi ukuphatha amasi ngalesi sikhathi wena usafuna igula elisha. Kusho ukuthi na, loku? Kusho ukuthi hlanganisa amacebo ongabe uletha ngawo isisombululo ngale nkathi wena nethimba lakho nisacabanga amasu anzulu okuzikhipha otakwini.
- Yakha ithimba ezilobhekana nenhlekelele enkampanini. Ngaso sonke isikhathi siye sibone ukuthi njalo uma kunenhlekelele kuba nethimba eliqavile elibhekana nezimo ezimanzonzo. Loku siye sikubone kwizicishamlilo, emibuthweni yamasosha nasemaphoyiseni. Njalo uma kunesimo esidinga ongoti, kukhona nje ithimba elibalulekile elibizwayo, okwaziwayo ukuthi uma sekufike lona konke kuzolunga. Nasebhizinisini kubalulekile ukuthi wena njengomholi wakhe ithimba longoti elizohlale lilindele izimo ezibucayi. Ngeke lisebenze lowo msebenzi kuphela kodwa libheka ukuthi iyiphi inhlekelele engase yenzeke ngomuso.
- Nikeza abanye osebenza nabo amandla okwenza izinqumo. Ukugodla amandla esikhathini senhlekelele akusizi muntu. Kumele wenze isiqinisieko sokuthi uyazinikeza izethenjwa amandla namagunya okwenza izinqumo. Loku kwenza kube lula ukuthi uma kufika izimo ezibucayi zikwazi ukusebenzisa lelo lungelo ukushintsha izinto. Ukugodla amandla kunqinda izisebenzi amandla okusabalalisa umqondo nekhono labo.
Lezi ngezinye zezinto okumele wonke umholi wamanje enze isiqiniseko sokuthi uyazishintsha ekuholeni nasekuphatheni ibhizinisi lakhe.
Ngale kwesiphithiphithi, kuyingozi ukuthi zonke izinqumo ezimayelana nokusebenza kwenkampani zenziwe ngabaphethe kuphela. Loko kulimaza ukuzinza enkampani. Okusho ukuthi mhlazane kwaba nento ekulalisa esibhedlela wena njengomholi ungasakwazi ukuthatha izinqumo, umsebenzi uyoma nse enkampanini.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift