Khetha kahle uphathina ozobambisana naye ebhizinisini, kuloba uNtokozo Biyela
NAMHLANJE ngifisa sibheke ukuthi umkhetha kanjani uphathina ebhizinisini lakho. Ngifisa futhi sibheke amaphutha abaningi abawenzayo uma bekhetha ophathini.
Sekukaningi sibona abantu uma bengena ebhizinisini bakhethe abangani abazwana kakhulu nabo noma abafowabo noma amakhosikazi abo nabayeni babo uma beqala ibhizinisi. Loku kujwayelekile futhi akuxwayeki ngoba vele abantu bathanda ukusebenza nabantu ababajwayele noma ababathembayo. Yiphutha lokuqala elenziwa ngabaningi leli.
Cha, akunalutho ukukhetha umuntu ozwana naye kodwa kuyiphutha elikhulu ukukhetha umuntu ozoba wuphathina wakho ebhizinisini ngenxa nje yobudlelwano eninabo kuphela.
Emasontweni amabili edlule saveza ukuthi ibhizinisi lifana nomuntu nalo uma selibhalisiwe linempilo yalo nalo, ngakho kubalulekile ukuthi uma ukhetha umuntu ozobambisana naye ebhizinisini kube wumuntu onobuchule obuzosiza ekwakheni nasekusimamiseni ibhizinisi, hhayi umuntu ozovele abe wumthwalo.
Iphutha lesibili abantu abalenzayo uma bengena ebudlelwaneni bokubambisana ebhizinisini wukungasayini isivumelwano sokusebenzisana. Loku kucacisa ngokusobala ukuthi njengoba singena kulobu budlelwano bebhizinisi busebusha kanje futhi busemnandi siyomisa kanjani mhla izinto sezibheda, sekunzima.
Abanye abantu abathandisisi ukukhuluma ngezinto ezimbi ezingehlela ibhizinisi ngoba ngenkathi beliqala basuke beshayela phezulu bebona impumelelo yodwa. Kuhle loko. Kumele futhi kube njalo ngoba akekho umuntu ongena ebhizinisini ephokophele ukungaphumeleli kodwa izinto ziyenzeka ebhizinisini futhi nezinsuku azifani.
Elesithathu iphutha elokuthi abantu uma bengena ebhizinisini abayibeki imigomo nemibandela yokuthi yimiphi imisebenzi abazoyenza bobabili noma ukuthi yiliphi iqhaza abazolibamba. Kungenzeka ukuthi nobabili aniphiwanga ngokufana. Omunye muhle ekudayiseni nasekungeniseni umsebenzi, omunye muhle ngasekumiseni izinhlaka zebhizinisi ukuthi kwenzeke isiqiniseko sokuthi zonke izinto zihamba ngononina.
Iphutha eliye lenzeke wukuthi uthola ababambisene ebhizinisini sebenza umsebenzi ocishe ufane bese kuba lukhuni ukuhlukanisa ukuthi kahle hle wubani okufanele enze umsebenzi othile. Yilapho-ke uthola khona sekukhonjwana ngeminwe, omunye ekhomba omunye, omunye evikela iso lakhe ngoba ayikho into ebhaliwe ecacisa ukuthi ubani wenzani ebhizinisini.
Okunye okuba yimbangela yezinkinga zabantu ababambisene ebhizinisini wukuthi abanye ababi nombono ocacisa ukuthi uma kwenzeka ibhizinisi lidlondlobala inzuzo abayitholayo bazokwenzani ngayo noma uma kwenzeka ibhizinisi lifadalala, liba nezikweletu eziningi bayomisa kanjani.
Ake sithathe isibonelo sokuthi ibhizinisi liyadlondlobala nenzuzo ingena ngamabhakede. Ngenxa yokuthi abaphathi bebhizinisi abazange badingide ukuthi bayomisa kanjani, uzothola omunye ethi kumele kusetshenziswe le mali ukuziklomelise ngokuthenga izimoto zikanokusho nemizi ezindaweni zomntakabani.
Uthole ukuthi omunye yena uthi abame kancane, bathathe le nzuzo bayitshale ebhizinisini ukuze ibhizinisi lidlondlobale noma lihambisane nombono nomgomo abanawo ngebhizinisi.
Yilesi sikhathi ke, lapho uthola khona ukuthi kuba khona ukushayisana kwemiqondo, uthole abantu abaqala ibhizinisi ngenhloso enhle sebezithola benomdonsiswano, omunye edonsa abheke le, nomunye ebheka le. Loku kungaholela ekutheni kuze kuphele nobudlelwano obebukhona. Kuze kuqubuke ngisho inzondo ngoba uthola ukuthi ekugcineni uma imimoya ingasahoshelani nemibono isishayisana kuba khona abantu abangenelela bezama ukuxazulula noma bevuna omunye.
Lezi zenzo zivula intuba yokuthi kubhebhetheke umlilo wezinsolo, amanga, inkohliso nokushayana emva kwendlebe.
Kwesinye isikhathi kuze kuphume ngisho isidumbu ngenxa yomhobholo osuke usuvunguza lapho.
Ngakho kubalulekile ukuthi uma nakha ubudlelwano bokuqala ibhizinisi nenze isiqiniseko sokuthi yonke into enifisa ukuyenza nemithetho nokuthi ubani uzokwenzani, konke loko kuqoshwe phansi. Kubalulekile futhi ukuthi uma ibhizinisi lingasahambi kahle niyomisa kanjani kuleso simo. Qophani yonke into phansi.
- UBiyela uwumeluleki wosomabhizinisi ngaphansi kwenkampani yakhe iMindset Shift Consulting