Ukungena emkhakheni ayengawuqondile enyuvesi kumlungiselele ukungena ebhizinisi lokukhiqiza elenza ezibukwayo manje. Uxoxe noSLINDILE KHANYILE
WASHODA ngephuzu ukuthi athathwe ukwenza izifundo zobudokotela enyuvesi. Loku kwenza waqoma ukwenza iBSc, nokwamvumela ukuthi axube izifundo ezinhlobonhlobo zalo mkhakha.
Kuphenduke isibusiso lokhu njengoba esinye sezifundo asithatha kwaba yi-chemistry, neholele ekutheni asungule inkampani ekhiqiza izinto zokuhlanza indlu, izibulalamagciwane, izimonyo neziqholo.
Ngaphezu kwaloko umatasa nocwaningo oluthinta amakhambi emvelo, nathemba ukuthi azogcina ekhiqize ikhambi lokwelapha isifo sikashukela.
UNksz uNomandla Ngcoya, oneminyaka engu-28, uwumnikazi weD-Chem Group, inkampani eyenza yonke imisebenzi enhlobonhlobo esebenzisa ukuba wusosayensi.
Le nkampani, ayiqale ngoR1 200 eminyakeni emine, edlule isanda kuvula ngokusemthethweni ifemu yayo entsha lapho ihlanganisela khona imikhiqizo yayo. Le femu, eqashe abantu abayisithupha okwamanje, ikwazi ukukhiqiza amalitha awu-10 000 ngosuku.
“U-D lo osegameni lenkampani yami umele uDlamini ngoba umama wami wuMaDlamini. Ngiqala ngangifisa ukuhlanganisa amakhambi okwelapha izifo ezithile. Uma uhlanganisa amakhambi imvamisa kuthatha isikhathi ngaphambi kokuthi ukwazi ukuwadayisa ngoba kunemigudu eminingi yokuhlolwa kwawo. (Imvamisa) kuba yiminyaka engu-15,” kuchaza yena.
“Ukuba wusomabhizinisi, kunabantu abakufundelayo bese beyaqala babe ngosomabhizinisi. Kodwa kukhona laba abazalwe nakho, okuvele kube nento ebashisayo ngaphakathi. Mina ngikholwa wukuthi ngiyile nhlobo ezalwe nakho. Ngakho ukuze lungapheli lolu thando kimina ngesikhathi ngisahlanganisa amakhambi ngilinde le minyaka ewu-15. Nginqume ukuthi akube khona engikwenzayo ngesikhathi ngisahlanganisa amakhambi. Ngibe sengiqala ngahlanganisa izinto zokuhlanza (indlu) ngo-2016.”
Le mali aqala ngayo yimali ayiholayo eNyuvesi yaKwaZulu-Natali ngomsebenzi awenzayo wokusiza abafundi abenza izifundo zonyaka wokuqala. UNksz uNgcoya usewumfundi ngokugcwele naye njengoba manje esenza iziqu zePhD emkhakheni we-chemistry.
UNksz uNgcoya, ozalelwe eBulwer kodwa wakhulela eMgungundlovu, uthi nakuba engasabanga udokotela njengokufisa kwakhe kodwa lo mkhakha angene kuwona uyahambisana futhi yiwona omfanele yena.
Mlalele echaza.
Umkhiqizo wokuhlanza izindlu aqala ngawo yinsipho yokugeza izitsha ewu-25 litre, nathi kwamthatha izinyanga eziyisishiyagalombili ukuyidayisa.

Wake wacishe wawa ngoba edayise umkhiqizo ngesikweletu, abantu bengasakhokhi, kanti uthi ngo-2018 unyaka wonke kwakubheda ezimalini kodwa wayeqhubeka nomkhiqizo futhi amakhasimende akhe ekuthola konke akufunayo.
Usengeze eminye iminingi imikhiqizo. Isiyonke eyokuhlanza indlu iwu-25. Maduzane uzokwethula neyezinwele.
Ukukhulisa umsebenzi wagembula wathatha uR50 000, owawuyingxenye yomfundaze wokwenza izifundo zePhD, kanti kukhona nabanye abantu abamxhasile.
Namhlanje iD-Chem Group idayisa amalitha angaphezu kuka-200 ngosuku kanti imikhiqizo yayo itholakala ezitolo zaseSPAR ezintathu kodwa futhi amanye amakhasimende ngabantu abanjengezindawo zokuvasha.
Ngenxa yemboni akuyona, ukuhlasela kweCOVID-19 kube yisibusiso njengoba ethi imali engenile iphindaphindwe kathathu ngonyaka odlule.
Uthi ukuzisebenza sekumfundise nesineke. “Ngiyakuthanda ukuhleka kodwa futhi nokudinwa kwami kunjengokuhleka kwami ngoba ngidinwa kakhulu. Kodwa ukuzisebenza kukufundisa intobeko. Kukufundisa ukuthi ungadinwa esikhaleni futhi le nto yokuthi kuthiwa kufanele uhlale uhlonipha ikhasimende ingifundisile ukuba nesineke.
“Ngibuka nale nto yokuthi sekuphele iminyaka ewu-11 ilandelana ngisenyuvesi. Angikaze ngiphumule. Nalokho kudinga isineke sokukwazi ukumelana nomthwalo wokufunda ngoba abanye bafunda iminyaka emithathu bahambe, abanye babuye babuye kodwa mina ngiloku ngiqhubekile,” kusho uNksz uNgcoya.
Njengamanje umatasa nokuphothula ukubhalisa lapho kuhlolwa khona imikhiqizo, eSABS. Uthi uma sekuphothuliwe loku, bazoqasha abanye abantu futhi bengeze nama-shift ngoba bazobe sebekhiqiza imini nobusuku.

Uthi kuyasiza ukuthi umuntu aqale ngokuncane anakho kunokulinda aze abe namandla ezinto ezinkulu.
Bawu-32.5% abantu abangasebenzi eNingizimu Afrika kanti iningi yintsha. Kukhona nentsha eneziqu kodwa ebhuquza ekhaya. UNksz uNgcoya uthi kungalungiswa loku uma nayo intsha ingafunda ukusebenzisana.
Isifiso sakhe wukuthi kuphele lo nyaka imikhiqizo yabo isitholakala kuzona zonke izitolo zaseSPAR kanti ngonyaka ozayo ufisa ukuqala ukudayisela amanye amazwe.
Ohlangothini lwamakhambi, usebenzisana nabalaphi bendabuko kanti uthi uthemba ukuthi kuzogcina kufinyelele ekutheni le mithi ihlonishwe nayo, bakwazi ukunquma kahle isikali umuntu okufanele asiphuze futhi ikwazi nokuhlanganiswa ibe ngamaphilisi.
Facebook: D Chem Group
Instagram: dchemgroup