UNksz uTinyiko Mabunda, umnikazi weVahlave Knits and Crochet yaseBushbuckridge, eMpumalanga

Izithombe: Zithunyelwe

Ukhamba lufuze imbiza kumthungi osemncane. Kepha leli khono uselibeke kwelinye izinga owenza into eyayenziwa wunina. Uxoxe noTEBOGO MOKWENA

UMSIKI wengqephu osemncane ulandela ezinyathelweni zikanina ngokusebenza ngewuli. Nokho emisikweni yakhe yena usengeze ukukhrosha nokunitha izimpahla ezineNkosi phakathi.

UNksz uTinyiko Mabunda, umnikazi weVahlave Knits and Crochet, waqala ukunitha nokukhrosha ngoMashi ngonyaka odlule ngesikhathi sika“thaqa” ezweni. “Ngaqala ukunitha izingubo ngemva kokubona uthando lwabantu lwezingubo ezithungwe ngesandla ezinjengalezi engizenzayo. Ngabona ukuthi kuningi ongakwenza ngokukhrosha ngoba abantu bakwazi ukusho ukuthi bafuna into enjani bese ngibenzela.

“Ngathola ukuthi ngithanda ukukhrosha nakuba ngangingakwazi. Ngacela uMama, ngamtshela ukuthi ngifisa ukufunda ukukhrosha. Ngenhlanhla wathi naye waqala ekhroshela thina (izingane) izingubo, nakuba ayengazidayisi,” kulanda yena.

Uthi kwamthatha inyanga ukufunda ukukhrosha. Kwaba wukuqala kwakhe ibhizinisi lokudayisa. 

UNksz uMabunda obexoxa neVutivi News uthunga izinto ezihlukene njengamajezi, izigqoko zensonto, izingubo nezingubo zezinsana.

Eminye yemisiko yaseVahlave Knits and Crochet

UNksz uMabunda, osebenzisa iplastiki emisikweni yakhe, uvumela amakhasimende akhe asho ukuthi acabanga umsiko onjani bese ewuthunga njengokufisa kwakho.

“Emibaleni nasemisikweni, angizikhetheli. Uma ikhasimende lifuna umsiko othile noma lifuna umbala othile, liyangitshela bese ngisebenzela kuleyo mibala ngokuthanda kwalo. Loku kwenza ukuthi ngikwazi ukwenza noma yini, nginganqindeki,” kusho yena.

Okunye agabe ngakho emisikweni yakhe wubuqhathanzipho. Uthi wafundiswa wunina. “Amakhasimende avame ukungincoma ukuthi umsebenzi wami uhlanzekile futhi uyabukeka kunemininye imikhrosho asebake bayi-oda. Loku kuwenza aphinde abuye azothenga,” kusho yena.

UNksz uMabunda, osebenza yedwa okwamanje, usejahe ukufundisa ukuthunga umuntu ozomlekelela ngama-oda awatholayo.

“Isifiso sami wukufundisa abanye abantu ukuthunga ukuze ngothando lwabo lokuthunga bengeke bagcine ngokuzenzela izingubo kodwa bezokondla emakhaya.”

Ezinhlelweni anazo ufisa ukusungula ifemu, aqashe abantu abawu-100. Uthi: “Uthando lwami lokufundisa luzoziveza ngale ndlela. Ngifisa ukufundisa abantu ukukhrosha kuzo zonke izndawo ezweni,” kusho yena le ntokazi eyenza unyaka wesithathu weziqu zobuthisha e-University of Limpopo.

“Ngifisa ukufundisa nezingane ukukhrosha njengoba nathi kudala abazali bethu babefundiswa ukuthunga nokunitha esikoleni. 

Ukholwa ukuthi la makhona amqoka, ikakhulukazi ebantwini abangaphiwe ikhanda lesikole kepha abaphiwe umsebenzi wezandla. “Kumqoka ukuba nala makhono njengoba sekwande uthando lwezingubo ezenziwe ngesandla kanti nanoma wubani angazenza, noma ngabe uwummeli noma uwudokotela,” kuphetha uNksz uMabunda.

Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.vutivibusiness.co.za

Podcasts

Inqolobane

You cannot copy content of this page